Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


UJehova uyisiphephelo nomvikeli
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1 Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?

2 Ngokuba bhekani, ababi bawunsala umnsalo wabo, babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.

3 Nxa izisekelo zidilizwa, olungileyo angenzani na?”

4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.

5 UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.

6 Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo.

7 Ngokuba uJehova ulungile, uyathanda ukulunga; oqotho uyakubheka ubuso bakhe.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan