AmaHubo 108 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmkhuleko wokunqoba izitha Igama. Ihubo likaDavide. 1 Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu; ngizakuhlabelela, ngihube, ngisho nomphefumulo wami. 2 Vukani, lugubhu nehabhu!* Ngizakuvusa ukusa. 3 Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova, ngikudumise phakathi kwezizwe. 4 Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwezulu, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini. 5 Phakama, Nkulunkulu, phezu kwezulu, inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke. 6 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele. 7 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti. 8 Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. 9 UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya ngiyethaba.” 10 Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na? 11 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu. 12 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize. 13 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa