Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

AmaHubo 10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ukuchithwa kwababi

1 Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?

2 Ngokuqhosha komubi ompofu uyahlupheka; mababanjwe ngamacebo abawacebileyo.

3 Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe, nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova.

4 Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke.

5 Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke; izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe; zonke izitha zakhe uyazidelela.

6 Uthi enhliziyweni yakhe: “Angiyikuzanyazanyiswa; izizukulwane nezizukulwane angisoze ngehlelwa ngozi.”

7 Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlova; ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.

8 Uhlezi ezindaweni zokuqamekela zemizi; ezindaweni ezisithekileyo uyambulala ongenacala; amehlo akhe ayamhlwaya othithibeleyo.

9 Endaweni esithekileyo uqamekela njengengonyama emphandwini wayo; uhlomele ukumbamba ohluphekileyo; uyambamba ohluphekileyo ngokumngenisa esihibeni sakhe.

10 Uyanyonyoba, uyakhothama, abathithibeleyo bawe ngamazipho akhe.

11 Uthi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe, ubusithezile ubuso bakhe; akasoze wakubona nanini.”

12 Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho, ungakhohlwa abahluphekileyo.

13 Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu, athi enhliziyweni yakhe: “Awuyikukunaka,” na?

14 Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane.

15 Yaphula ingalo yomubi; buphenyisise ububi besoni, ukuze ungabe usabufumana.

16 UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.

17 Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo

18 ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan