2 Samuweli 22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEIhubo lokubonga kukaDavide 1 UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule, 2 wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; 3 uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni. 4 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. 5 “Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa. 6 Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. 7 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe. 8 “Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele. 9 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye. 10 Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. 11 Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; wabonwa emaphikweni omoya. 12 Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo, amanzi aqoqane, amafu abe nzima. 13 Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo. 14 UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe. 15 Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa. 16 Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe. 17 Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi. 18 Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile. 19 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. 20 Wangiphumisela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami. 21 “UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami. 22 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga. 23 Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi. 24 Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi. 25 UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe. 26 “Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho; 27 kohlanzekileyo uyazibonakalisa ehlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani. 28 Uyasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise. 29 Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami. 30 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange. 31 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. 32 “Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? 33 UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge, 34 yena owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami; 35 ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. 36 Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho; ubumnene bakho bungikhulisile. 37 Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi. 38 “Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi. 39 Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami. 40 Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami. 41 Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula. 42 Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula. 43 Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini. 44 “Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza. 45 Abafo bazithoba phansi kwami; banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela. 46 Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela. 47 “UJehova usekhona malidunyiswe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami, 48 uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami; 49 ongikhiphile ezitheni zami, wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu. 50 Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho. 51 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.” |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa