Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

2 Samuweli 22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE


Ihubo lokubonga kukaDavide

1 UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,

2 wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;

3 uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.

4 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.

5 “Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa.

6 Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.

7 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.

8 “Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.

9 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.

10 Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

11 Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; wabonwa emaphikweni omoya.

12 Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo, amanzi aqoqane, amafu abe nzima.

13 Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo.

14 UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

15 Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa.

16 Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.

17 Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.

18 Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.

19 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.

20 Wangiphumisela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

21 “UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

22 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

23 Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.

24 Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.

25 UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.

26 “Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;

27 kohlanzekileyo uyazibonakalisa ehlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.

28 Uyasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.

29 Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.

30 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

31 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

32 “Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

33 UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge,

34 yena owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami;

35 ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

36 Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho; ubumnene bakho bungikhulisile.

37 Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.

38 “Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.

39 Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.

40 Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

41 Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.

42 Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

43 Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

44 “Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.

45 Abafo bazithoba phansi kwami; banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela.

46 Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.

47 “UJehova usekhona malidunyiswe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

48 uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;

49 ongikhiphile ezitheni zami, wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

50 Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho.

51 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”

© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan