2 Samuweli 2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUDavide uyinkosi kwaJuda; u-Ishi Bosheti uyinkosi kwa-Israyeli 1 Kwathi emva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngenyukele yini komunye wemizi yakwaJuda na?” UJehova wathi kuye: “Yenyuka.” Wathi uDavide: “Ngenyukelephi na?” Wathi: “EHebroni.” 2 Wayesenyukela khona uDavide nabafazi bakhe ababili, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli. 3 Abantu bakhe ababe noDavide wabenyusa, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe; bahlala emizaneni yaseHebroni. 4 Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.” 5 UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela. 6 Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso, nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto. 7 Ngalokho maziqine izandla zenu, nibe nesibindi, ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.” 8 U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi, 9 wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke. 10 U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide. 11 Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Ukulwa kuka-Ishi Bosheti noDavide. Impi yaseGibeyoni 12 U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni. 13 UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi. 14 U-Abineri wathi kuJowabe: “Ake zisuke izinsizwa, ziqakulizane phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisuke.” 15 Zase zisuka, zawela ngamanani, eziyishumi nambili kwaBenjamini naku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, neziyishumi nambili ziyizinceku zikaDavide. 16 Zabambana ngekhanda, zagwaza ngenkemba ohlangothini lwezimelene nazo, zawa kanyekanye; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hasurimi eliseGibeyoni. 17 Kwakuyimpi enzima ngalolo suku; u-Abineri wahlulwa kanye nabantu bakwa-Israyeli phambi kwezinceku zikaDavide. 18 Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe. 19 U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri. 20 U-Abineri wabheka emuva, wathi: “Ungu-Asaheli na?” Wathi: “Yimi.” 21 U-Abineri wayesethi kuye: “Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe.” Kepha u-Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni. 22 U-Abineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?” 23 Wala nokho ukuchezuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, waze waphuma emuva umkhonto; wawela khona, wafela khona lapho; kwathi bonke abafika endaweni u-Asaheli awele kuyo wafa, bema. 24 Kepha oJowabe no-Abishayi bamxosha u-Abineri; ilanga lashona befike ngasegqumeni lase-Ama elingaphambi kweGiya ngasendleleni yasehlane laseGibeyoni. 25 Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile. 26 U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?” 27 UJowabe wathi: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ubungakhulumanga, ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.” 28 UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa. 29 U-Abineri nabantu bakhe badabula i-Araba bonke lobo busuku, bawela iJordani, badabula lonke iBitroni, bafika eMahanayimi. 30 UJowabe wabuya ekumxosheni u-Abineri; lapho esebuthile bonke abantu, kwasilala kuzo izinceku zikaDavide abantu abayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli. 31 Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBenjamini nabaka-Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha. 32 Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise elaliseBetlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa beseHebroni. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa