2 kuThimothewu 4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUThimothewu uyalwa ukuba aqine 1 Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi: 2 Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa. 3 Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo, 4 bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni. 5 Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho. 6 Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile. 7 Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; 8 sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo. UThimothewu ucelwa ukuba afike kuPawulu 9 Shesha uze kimi masinyane. 10 Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya; 11 nguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni. 12 UThikhiku sengamthuma e-Efesu. 13 Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha, nxa uza, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba. 14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe; 15 umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu. 16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho; 17 kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama. 18 INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Isigcino 19 Khonza koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu. 20 U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula. 21 Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o-Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane. 22 INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa