2 kaJohane 1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE1 Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso, 2 ngenxa yeqiniso elihlala kithi neliyakuba nathi kuze kube phakade. 3 Kuzakuba nathi umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuye uJesu Kristu iNdodana kaYise ngeqiniso nangothando. Ukuyala ngothando 4 Ngithokozile kakhulu, ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba. 5 Nakalokhu ngiyakunxusa, nkosikazi, kungengokungathi ngikulobela umyalo omusha kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni ukuba sithandane. 6 Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni. Ukuxwayisa ngabakhohlisi nangomphikukristu 7 Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu. 8 Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo. 9 Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana. 10 Uma kufika umuntu kini engalethi lokho kufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli; 11 ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi. Isigcino 12 Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki,* kodwa ngiyethemba ukuza kini, ngikhulume nani umlomo nomlomo, ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele. 13 Abantwana bakadadewenu okhethiweyo bayakhonza kuwe. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa