2 iziKronike 5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUkungeniswa komphongolo kaJehova ethempelini 1 Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova. USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise, kanye nesiliva negolide, nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu. 2 Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni. 3 Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini emkhosini wasenyangeni yesikhombisa. 4 Esefikile onke amalunga akwa-Israyeli, amaLevi aphakamisa umphongolo. 5 Akhuphula umphongolo, netende lokuhlangana, nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi. 6 Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babe phambi komphongolo behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo. 7 Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.* 8 Ngokuba amakherubi* awelula amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, amakherubi asibekela umphongolo nezinti zawo ngaphezulu. 9 Izinti zazizinde kangako ukuba izihloko zezinti zibonakale zeqe emphongolweni phambi kwegumbi; kepha zazingabonakali ngaphandle; usekhona lapho kuze kube namuhla. 10 Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe. 11 Kwathi lapho abapristi sebephumile endaweni engcwele ngokuba bonke abapristi ababe khona babezingcwelisile bengazigcinanga izigaba zabo, 12 kusemi ngasempumalanga kwe-altare amaLevi, abahlabeleli bonke, kanye no-Asafa, noHemani, noJeduthuni, namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabhu,* kukhona kanye nabo abapristi abayikhulu namashumi amabili bekhalisa amacilongo 13 nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova, 14 baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa