1 Samuweli 18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUDavide uthandwa nguJonathani, uzondwa nguSawule 1 Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide, uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe. 2 USawule wamthatha ngalolo suku, akabe esamvumela ukubuyela endlini kayise. 3 OJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe. 4 UJonathani wakhumula ingubo ayenayo, wayinika uDavide, nezinye izambatho zakhe kwaze kwaba nenkemba yakhe, nomnsalo wakhe, nebhande* lakhe. 5 UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule. 6 Kwathi ekufikeni kwabo, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela besina, ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu, nangokuthokoza, nangezinkenenezo. 7 Abesifazane bavumelana ngokudlala, bathi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.” 8 USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.” 9 USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili. 10 Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe. 11 USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili. 12 USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule. 13 Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu. 14 UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye. 15 Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba. 16 Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayephuma engena phambi kwabo. UDavide umkhwenyana wenkosi 17 USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova.” Ngokuba uSawule wathi: “Isandla sami masingabi phezu kwakhe, kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.” 18 UDavide wathi kuSawule: “Mina ngingubani, kuyini ukuphila kwami, nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi?” 19 Kepha kwathi ngesikhathi uMerabi indodakazi kaSawule ebeyakunikwa uDavide, wanikwa ku-Adriyeli waseMehola abe ngumkakhe. 20 UMikhali indodakazi kaSawule wamthanda uDavide; bamtshela uSawule, kwaba kuhle emehlweni akhe. 21 Wayesethi uSawule: “Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye, isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe.” Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.” 22 USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ” 23 Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula emehlweni enu ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelikileyo na?” 24 Izinceku zikaSawule zamtshela zathi: “Wakhuluma kanjalo uDavide.” 25 USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni ilobolo, kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiswe ezitheni zenkosi.’ ” USawule wacabanga ukumwisa uDavide ngesandla samaFilisti. 26 Izinceku zakhe zamtshela uDavide lawo mazwi, kwaba kuhle emehlweni kaDavide ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi, kepha izinsuku zazingakapheleli; 27 uDavide wasuka waya, yena nabantu bakhe, wabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu amabili; uDavide waletha amajwabu abo, bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemnika uMikhali indodakazi yakhe abe ngumkakhe. 28 USawule wabona, wazi ukuthi uJehova unoDavide; uMikhali indodakazi kaSawule wamthanda. 29 USawule wayesemesaba uDavide kakhulu; uSawule wayeyisitha sikaDavide sonke isikhathi. 30 Kwase kuphuma izikhulu zamaFilisti; kwathi njalo uma zisaphuma, uDavide waziphatha ngokuhlakanipha kakhulu kunazo zonke izinceku zikaSawule, laze laduma kakhulu igama lakhe. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa