1 iziKronike 8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELEUmndeni kaSawule wesizwe sakwaBenjamini 1 UBenjamini wazala uBela izibulo lakhe, no-Ashibeli owesibili, no-Ahara owesithathu, 2 noNoha owesine, noRafa owesihlanu. 3 UBela wayenamadodana: ngo-Adari, noGera, no-Abihudi, 4 no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa, 5 noGera, noShefufani, noHuramu. 6 Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba, ezathunjelwa eManahati, 7 zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi. 8 UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe. 9 Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu, 10 noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise. 11 Wazala kuHushimi o-Abithubi no-Eliphahali. 12 Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo, 13 noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e-Ajaloni, abaxosha abakhe eGati; 14 no-Ahiyo, noShashaki, noJeremoti, 15 noZebadiya, no-Aradi, no-Edere, 16 noMikayeli, noJishipha, noJoha, amadodana kaBeriya, 17 noZebadiya, noMeshulamu, noHiziki, noHebere, 18 no-Ishmerayi, noJiziliya, noJobabi, amadodana ka-Eliphahali, 19 noJakimi, noZikiri, noZabidi, 20 no-Eliyenayi, noSilethayi, no-Eliyeli, 21 no-Adaya, noBeraya, noShimrati, amadodana kaShimeyi, 22 noJishiphani, no-Ebere, no-Eliyeli, 23 no-Abidoni, noZikiri, noHanani, 24 noHananiya, no-Elamu, no-Anithothiya, 25 no-Ifideya, noPhenuweli, amadodana kaShashaki, 26 noShamusherayi, noShehariya, no-Athaliya, 27 noJahareshiya, no-Eliya, noZikiri, amadodana kaJerohamu. 28 Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema. 29 EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha; 30 izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi, 31 noGedori, no-Ahiyo, noZekeri. 32 Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo. 33 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali. 34 Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika. 35 Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi. 36 U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa; 37 uMosa wazala uBineya; uRafa wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe; 38 u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani. Bonke labo babe ngamadodana ka-Aseli. 39 Amadodana ka-Esheki umfowabo: ngu-Ulamu izibulo lakhe, noJewushe owesibili, no-Elifeleti owesithathu. 40 Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi namadodana amadodana amaningi, eyikhulu namashumi ayisihlanu. Labo babe ngamadodana kaBenjamini. |
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.
Bible Society of South Africa