U-Isaya 21 - IsiZulu 2020Isiphrofetho NgeBhabhele 1 Isiphrofetho ngehlane eligudle ulwandle. Njengesiphepho sivunguza eningizimu, kukhona ozayo ovela ehlane, ezweni elesabekayo. 2 Ngiboniswe umbono oshaqisayo: umkhapheli ekhaphela, nombhubhisi ebhubhisa. Yenyuka Elamu, uvimbezele Mediya; ngizokuqeda konke ukukhala kwenu. 3 Ngalokho ukhalo lwami lugcwele izinhlungu; ngibanjwe yimihelo njengowesifazane obelethayo; ngikhonkobele ngengikuzwile, ngethukile ngengikubonile. 4 Inhliziyo yami iyadwanguza, iyathuthumela; ukuhwelela ebengikulangazelela kungehlele, sekuphenduke ixhala kimi. 5 Balungisa itafula, bendlala izindwangu, bayadla, bayaphuza. Hhayi bo, zikhulu, sukumani! Gcobani amahawu. 6 Ngokuba iNkosi ithe kimi: “Hamba uyomisa umlindi ozakukwazisa akubonayo. 7 Lapho ebona umgibeli, nabagibele amahhashi ngababili, ogibele imbongolo nogibele ikameli, uyoqaphelisisa, alalele ngokucophelela okukhulu.” 8 Ibhubhesi lamemeza, lathi: “Nkosi, ngihlale ngimi embhoshongweni wami nsuku zonke, nasendaweni engibekwe kuyo ubusuku bonke. 9 Bheka, sekuza umuntu ngenqola yamahhashi. Umemeza athi: ‘Liwile, liwile iBhabhele, nazo zonke izithombe zonkulunkulu balo; kuphelele phansi.’ ” 10 Wena ongokubhuliweyo kwesibuya sami, lokhu engikuzwe ngoSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli; ngiyakukumemezela kuwe. Isiphrofetho NgeDuma 11 Lesi yisiphrofetho ngeDuma. Kukhona ongimemeza eseSeyiri, ethi: “Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?” 12 Umlindi wathi: “Ukusa kuyeza, nobusuku ngokunjalo; uma nifuna ukubuza, buzani; nibuye futhi.” Isiphrofetho Nge-Arabhiya 13 Isiphrofetho nge-Arabhiya. Niyakulala ehlozini elisemathafeni e-Arabhiya, nina mahele aseDedanimi. 14 We zakhamuzi zakwaThema, lethelani abomileyo amanzi, bahlangabezeni ngokudla abafokazi. 15 Ngokuba babalekele izinkemba, izinkemba ezihoshiweyo, neminsalo ensaliweyo, nobunzima bempi. 16 Ngokuba iNkosi ithe kimi: “Ngesikhathi esingangonyaka, ngokubalwa kweminyaka yoqashiweyo, lonke udumo lweKhedari luzophela; 17 inani lensali yabaciba ngemicibisholo, amaqhawe aseKhedari, iyoba yingcosana,” ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa