U-Amose 9 - IsiZulu 2020Umbono Wesihlanu: INkosi USimakade Imi E-Althare 1 Ngabona iNkosi imi ngase-althare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze kuzamazame umnyango phansi, uziphihlize phezu kwamakhanda abo bonke. Abayakusala kubo ngiyakubabulala ngenkemba. Obalekayo kubo akayukuphunyuka nophunyukayo kubo akayukusinda. 2 Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho. 3 Noma bangacasha esiqongweni seKharmeli, ngiyakubathungatha, ngibabambe. Noma bangazifihla ekujuleni kolwandle ngingababoni ngawami amehlo, kodwa nakhona lapho ngiyakujuba inyoka ibalume. 4 Noma bangathunjwa yizitha zabo, nakhona lapho ngiyakujuba inkemba ukuba ibabhuqabhuqe, iso lami liyakuthi njo kubo, kube kubi, kungabi kuhle.” 5 INkosi uSimakade Wamabandla nguye othinta umhlaba, uncibilike, balile bonke abahlala kuyo; uyakukhukhumala wonke njengomfula, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe; 6 owakhe isigodlo sakhe esinamakamelo aphezulu ezulwini, ukwendlaleka kwaso kusekelwe emhlabeni, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, nguSimakade igama lakhe. 7 “Anifani yini kimi bantu bakaKhushe, nina bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade. “Angimkhuphulanga yini u-Israyeli eGibhithe, namaFilisti eKhafithori, nama-Aramu eKhiri na? 8 Bhekani-ke, amehlo eNkosi uSimakade awubhekile umbuso owonayo; ngiyakuwuqenda nya ebusweni bomhlaba, nakuba ngingeke ngiyishabalalise ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” kusho uSimakade. 9 “Ngokuba bheka, ngiyakukhipha umyalo, nginyakazise indlu yakwa-Israyeli phakwathi kwezizwe zonke, njengokunyakaziswa kwesihlungo kuhlungwa, kodwa kungabi bikho okusanhlamvu okuwela emhlabathini. 10 Zonke izoni eziphakathi kwabantu bami ziyakufa ngenkemba, ezithi: ‘Inhlekelele ayiyukusondela kithi, ayiyukusehlela thina, futhi ngeke isikhathaze.’ ” 11 “Ngalolo lusuku ngiyakuvusa idokodo eliwile likaDavide, ngivale imifantu yalo, ngivuselele kabusha okuwileyo, ngilakhe kabusha njengasezinsukwini zasemandulo, 12 ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi, nakho konke okwezizwe ezazibizwa ngeGama lami,” kusho uSimakade ozakukwenza lokhu. 13 “Bhekani-ke, ziyeza izinsuku, lapho olimayo eyakuficwa ovunayo, onyathela amagilebhisi aficwe ngohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini elimnandi, ligeleze emagqumeni wonke. 14 Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe kabusha imizi ebiyincithakalo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo, balime izivande, badle izithelo zazo. 15 Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa futhi kwelabo izwe engibanike lona,” kusho uSimakade uNkulunkulu wakho. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa