Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

U-Amose 8 - IsiZulu 2020


Umbono Wesine: Iqoma Lezithelo Zasehlobo

1 INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, ngabona iqoma linezithelo zasehlobo.

2 Yathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqona elinezithelo zasehlobo.” USimakade wayesethi kimi: “Isikhathi sokuthalalisa kubantu bami u-Israyeli sesiphelile; angisayukubaxolela.

3 Ngalolo lusuku, amaculo asethempelini ayakuba ngawokukhihla isililo, ziyakuba ziningi izidumbu eziyakudindiliza, zilahlwe kuzo zonke izindawo. Thulani!” kusho iNkosi uSimakade.


Ububi Nokungethembeki Kwabahwebi Nokucindezelwa Kwabampofu

4 Yizwani lokhu nina eninyathela abantulayo, niqede nya abasweleyo bezwe,

5 nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso,

6 ukuba kuthengwe abampofu ngesiliva nabantulayo ngezimbadada, sithengise nangomuhu wokusanhlamvu.”

7 USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo.

8 “Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho, balile bonke abahlala kuwo na? Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula, uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe.

9 “Ngalolo lusuku ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini, ngenze kube mnyama emhlabeni emini kwabha,” kusho iNkosi uSimakade.

10 “Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala, namaculo enu wonke abe yisililo, ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu ngendwangu eyisaka, ngenze amakhanda abe zimpandla, kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwalokho kuyakufana nosuku olunomunyu.”


Indlala Yezwi LikaNkulunkulu

11 “Niyabona-ke, ziyeza izinsuku, lapho ngiyakuthumela indlala ezweni, hhayi indlala yesinkwa, hhayi eyokomela amanzi, kodwa indlala yokuzwa amazwi kaSimakade,” kusho uSimakade.

12 “Abantu bayodiyazela kusuka olwandle kuya olwandle, behla benyuka kusukela enyakatho kuya empumalanga, bazulazule befuna izwi likaSimakade, kodwa abayukulifumana.

13 “Ngalolo lusuku izintombi ezinhle nezinsizwa ziyakuquleka ngenxa yokoma.

14 Labo abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Ngokuphila konkulunkulu bakho, Dani,’ nokuthi: ‘Ngokuphila kwendlela eBheri Sheba,’ bayakuwa, bangaphinde bavuke.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan