U-Amose 3 - IsiZulu 2020Isizathu SikaSimakade Sokujezisa U-Israyeli 1 Yizwani leli lizwi uSimakade alikhulume ngani bantu bakwa-Israyeli, nangawo wonke umndeni awukhipha eGibhithe, uthi: 2 “Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.” 3 Bangahambisana yini abantu ababili uma bengavumelananga na? 4 Ibhubesi lingabhodla yini ehlathini uma lingabambe nyamazane na? Ibhongo lengonyama lingagwavuma yini uma lingabambe lutho na? 5 Inyoni ingawela yini ogibeni olusemhlabathini uma kungekho ecushwe ngakho na? Unoxhaka ungazisukela yini emhlabathini uma impela ungabambe lutho na? 6 Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na? 7 Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi. 8 Ingonyama ibhongile, pho ngubani ongayukwesaba na? INkosi uSimakade ikhulumile, pho ngubani ongayukuphrofetha na? Ukujeziswa KweSamariya 9 Memezelani ezinqabeni e-Ashidodi, nasezinqabeni eGibhithe, nithi: “Qoqanani ezintabeni eSamariya, nibone inxushunxushu enkulu nokucindezelwa okuphakathi kulo.” 10 “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade. “Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.” 11 Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sibhidlize izinqaba zenu, siphange nezigodlo zenu.” 12 Usho kanje uSimakade uthi: “Njengomelusi ekhulula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma ingxenye yendlebe, bayakukhululwa kanjalo abantu bakwa-Israyeli, abahlala eSamariya ezihlalweni ezinofonofo ezembozwe ngosilika.” 13 “Lalelani, nixwayise indlu kaJakobe,” kusho iNkosi uSimakade, uNkulunkulu Wamabandla. 14 “Ngokuba mhla ngimjezisa u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakudiliza nama-althare eBhethele, nginqume nezimpondo ze-althare, ziwele phansi. 15 Ngiyakubhidliza indlu yasebusika neyasehlobo, kushabalale izindlu ezihlotshiswe ngophondo lwendlovu, kudilike izindlu eziningi,” kusho uSimakade. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa