UNumeri 27 - IsiZulu 2020Amadodakazi KaZelofehadi Nomndeni KaManase 1 Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza. 2 Ama ngasemnyango wethende lokuhlangana phambi koMose, u-Eleyazare umphristi, abaholi, nayo yonke inhlangano, athi: 3 “Ubaba wafela ehlane, wayengekho phakathi kweviyo labavukela uSimakade, iviyo likaKhora. Kepha wafela esakhe isono engenandodana. 4 Kungani igama likababa likhishiwe emndenini wakhe, yingoba engenandodana na? Sabeleni nathi ifa phakathi kwabafowabo bakababa.” 5 UMose walwethula udaba lwawo kuSimakade. 6 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 7 “Amadodakazi kaZelofehadi akhulume kahle. Uyakuwabela nokuwabela izwe eliyifa lawo kubafowabo bakayise, uledlulisele kuwo. 8 “Abantu bakwa-Israyeli uyobatshela, uthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, ifa lakhe liyodluliselwa endodakazini yakhe. 9 Uma engenandodakazi, niyakulabela abafowabo. 10 Uma engenabafowabo, niyakulabela abafowabo bakayise. 11 Uma uyise engenabafowabo, niyakulabela isihlobo sakhe esisondelene naye emndenini, silidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sobulungiswa kwabakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.’ ” UJoshuwa Ubekwa Ukuhola Abakwa-Israyeli 12 USimakade wathi kuMose: “Khuphukela entabeni i-Abharimi, ubone izwe engilabele abantu bakwa-Israyeli. 13 Uma usulibonile, nawe uyakuyiswa koyihlomkhulu njengomfowenu u-Aroni. 14 Okwathi phela, lapho inhlangano ingihlubuka ehlane iSini imelana nami, nani nangangihlonipha, nangabukhombisa ubungcwele bami phambi kwayo ngasemanzini.” Lawo ngamanzi eMeribha eseKadeshi ehlane iSini. 15 UMose wayesethi kuSimakade: 16 “USimakade, uNkulunkulu wemimoya yonke, makamise umuntu phezu kwenhlangano, 17 ozophuma angene phambi kwayo, abakhiphe, abafake, ukuze inhlangano kaSimakade ingabi njengezimvu ezingenamelusi.” 18 USimakade wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu onoMoya wami, ubeke isandla sakho phezu kwakhe, 19 ummise phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke, umgunyaze phambi kwayo ibuka. 20 Uyobeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuze yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli imhloniphe. 21 Uyakuma phambi kuka-Eleyazare, umphristi, oyombuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaSimakade; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abakwa-Israyeli, yebo, nayo yonke inhlangano.” 22 UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile; wamthatha uJoshuwa, wammisa phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke. 23 Wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamgunyaza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa