UNumeri 17 - IsiZulu 2020Intonga Ka-Aroni Iyahluma 1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthathe kubo izintonga, ibe yinye kuleyo naleyo ndlu yokhokho babo, kubo bonke abaholi ngokwezindlu zokhokho; kube yizintonga ezili-12. Uyoloba igama lomniniyo entongeni yakhe. 3 Entongeni kaLevi uyoloba igama lika-Aroni, ngokuba kuyoba nenhloko eyodwa kuleyo naleyo ndlu yokhokho. 4 Uyozibeka ethendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana nawe khona. 5 Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.” 6 UMose wakhuluma kubantu bakwa-Israyeli, kwathi bonke abaholi bamnika izintonga zabo. Intonga ngayinye kulowo nalowo mholi njengokwezindlu zokhokho; izintonga ezili-12. Intonga ka-Aroni yayiphakathi kwezintonga zabo. 7 UMose wazibeka izintonga phambi kukaSimakade ethendeni lokuhlangana. 8 Ngakusasa uMose waya ethendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi yayihlumile, yaveza imiqumbe, yaqhakaza izimbali, yathela ama-alimondi avuthiweyo. 9 UMose wazikhipha izintonga phambi kukaSimakade wazikhiphela kubo bonke abantu bakwa-Israyeli, babona, kwaba yilowo nalowo wathatha intonga yakhe. 10 USimakade wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe wuphawu kubahlubuki ukuba uqede ukukhononda kwabo ngami, ukuze bangafi.” 11 UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile. Wenza kanjalo-ke. 12 Abakwa-Israyeli bathi kuMose: “Uyabona-ke, siyabhubha, siyashabalala, siyaphela sonke ngothi lwethu. 13 Bonke abasondela ethabanakelini likaSimakade bayakufa; siyakufa siphele sonke na?” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa