Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UmShumayeli 10 - IsiZulu 2020


Ukuhlakanipha Nobuwula

1 Izimpukane ezifile zenza amakha abe nephunga elibi; kanjalo nobuwula obuncane buyakwedlula ukuhlakanipha nodumo.

2 Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile inamathela kokuhle, kodwa inhliziyo yesiwula ibheka kwesobunxele.

3 Ngisho sihamba emgwaqweni isiwula siveza ubuwula baso, sitshela bonke ukuthi sona siyisiwula.

4 Uma ulaka lombusi lukuvukela, uze ungasuki endaweni yakho; ukuthobeka kulungisa amaphutha amakhulu.

5 Kukhona ububi engibubonile phansi komthunzi welanga, bunjengephutha elenziwa ngumbusi:

6 ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo, abacebile bahlala endaweni ephansi.

7 Ngibone izigqila zigibele amahhashi, izikhulu zihamba ngezinyawo njengezigqila.

8 Umuntu ombela omunye umgodi uyokhalakathela kuwo; nalowo odiliza udonga uyolunywa yinyoka.

9 Omba amatshe ulinyazwa yiwo; nocanda izinkuni ulinyazwa yizo.

10 Uma imbazo ibuthuntu, umuntu engayilolanga, usebenzisa amandla amakhulu; kodwa ukuhlakanipha kuletha ithuba lempumelelo.

11 Uma inyoka iluma ingalunjiwe, akanalusizo lwalutho umlumbi.

12 Amazwi ohlakaniphileyo amlethela udumo, kodwa awesiwula ayasibhubhisa.

13 Siwuvula nje umlomo waso sikhuluma ubuwula, kuthi ekugcineni inkulumo yaso ibe ngukuhlanya okubi.

14 Isiwula sikhuluma amagama amaningi, kodwa akukho muntu owaziyo ukuthi kuzokwenzekani, nongasho ukuthi yini ezolandela uma sesifile?

15 Umshikashika weziwula uyazikhandla zingabe zisayazi indlela eqonde emzini.

16 Maye, kuwe lizwe elibuswa yinkosi esencane, izikhulu zakho zizitika ngedili kusuka ekuseni!

17 Ubusisiwe wena lizwe obuswa yinkosi evuthiwe nehloniphekile, izikhulu zakho zizitika ngedili ngesikhathi esifaneleyo, ukuze zibe namandla, hhayi ukuba zidakwe!

18 Ngenxa yobuvila uphahla luyapatalala, nangenxa yokudembesela izinto indlu iyanetha.

19 Ukudla kwenzelwe ukwenama, newayini ukuba kuthakaswe, imali iyimpendulo yezinto zonke.

20 Ungayiqalekisi inkosi ngisho emcabangweni wakho; kumbe uqalekise ocebileyo, ulele ekamelweni lakho; ngokuba inyoni yezulu ingase ikuthwale okushilo, noma yini enamaphiko ingayikhuluma indaba.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan