Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UmShumayeli 1 - IsiZulu 2020


Konke Kuyize Leze

1 Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema.


UMshumayeli:

2 “Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!”

3 Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na?

4 Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade.

5 Ilanga liyaphuma, lishone, lisheshe liye endaweni yalo lapho liphuma khona.

6 Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona.

7 Yonke imifula igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwali; lapho imifula ike yageleza khona, isayophinde futhi igeleze khona.

8 Zonke izinto ziyakhandla, umuntu angezichaze. Iso alideli ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.

9 Okwake kwaba khona, kuyobuye kube khona, nokwake kwenziwa kuyobuye kwenziwe. Ayikho into entsha phansi komthunzi welanga.

10 Ikhona yini into okuthiwa ngayo: “Bheka, lokhu kusha?” Empeleni seyake yaba khona emandulo, singakabi bikho.

11 Akukho ukukhunjulwa kwezinto esezedlule, nokwalezo ezisayokwenziwa yilabo abalandelayo.


Ukufuna Ukuhlakanipha Kuyize

12 Mina Mshumayeli ngangiyinkosi yakwa-Israyeli, eJerusalema.

13 Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.

14 Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!

15 Okugobile ngeke kuqondiswe, okungekho ngeke kwabalwa.

16 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Ngizuze ukuhlakanipha okukhulu ukwedlula bonke abangendulela ekubuseni eJerusalema. Yebo, inhliziyo yami izuze ukuhlakanipha okukhulu nokuqonda.

17 Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.

18 Ukwanda kokuhlakanipha kwandisa inkathazo; owandisa ulwazi, wandisa usizi.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan