ULevitikusi 20 - IsiZulu 2020Imithetho Yezijeziso 1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Uyothi kubantu bakwa-Israyeli: ‘Noma ngubani kubantu bakwa-Israyeli, noma ngumfokazi ogogobele kwa-Israyeli, oyonikela noma ngayiphi yenzalo yakhe kuMolekhi; uyobulawa, abantu balelo lizwe bamkhande ngamatshe. 3 Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele. 4 Uma abantu balelo lizwe bethalalisa, benza sengathi ababoni lapho enikela ngenzalo yakhe kuMolekhi, bengambulali lowo muntu, 5 Mina uqobo ngiyakumelana nalowo muntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo nabo bonke abahamba naye bayophinga, bephinga noMolekhi. 6 “ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo. 7 “ ‘Zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba Mina nginguSimakade, uNkulunkulu wenu. 8 Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguSimakade oningcwelisayo. 9 “ ‘Yilowo nalowo othuka uyise nonina uyobulawa nokubulawa, lokhu ethuke uyise nonina; igazi lakhe liyoba phezu kwakhe. 10 “ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye, nomuntu ophinga nomfazi kamakhelwane wakhe, labo abaphingileyo bayakubulawa. 11 “ ‘Umuntu olala nomkayise, wembula ubunqunu bukayise; bobabili bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo. 12 “ ‘Uma umuntu elala nomalokazana wakwakhe, bobabili bayobulawa nokubulawa; benze ichilo; igazi labo liyoba semakhanda abo. 13 “ ‘Indoda elala nowesilisa njengowesifazane, bobabili benze okunengisayo; bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo. 14 “ ‘Umuntu oyothatha owesifazane nonina, kungukonakala lokho; bayakushiswa ngomlilo, yena nabo, ukuze kungabi bikho lobu bubi phakathi kwenu. 15 “ ‘Uma umuntu elala nesilwane, uyobulawa nokubulawa, nesilwane sibulawe. 16 “ ‘Uma owesifazane esondela esilwaneni ukuba alale naso, uyobulawa owesifazane nesilwane; bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo. 17 “ ‘Uma umuntu eyothatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bayo, nayo ibone ubunqunu bakhe, kuyihlazo lokho; bayakunqunywa phambi kwabantu bakubo, ngokuba embulile ubunqunu bukadadewabo, uyothwala icala lakhe. 18 “ ‘Uma umuntu elala nowesifazane osesikhathini, embule ubunqunu bakhe, umembulile esesikhathini, naye uzembulile esesikhathini, ngakho-ke bobabili bayonqunywa kubantu bakubo. 19 “ ‘Ungabembuli ubunqunu bukanyokokazi, noma obukayihlokazi, ngoba uyobe unqunise isihlobo sakho; bayojeziswa. 20 “ ‘Umuntu olala noyisekazi, wambule ubunqunu bukayisekazi, bayakuthwala isono sabo, bafe bengazange babe nabantwana. 21 “ ‘Uma umuntu ethatha umkamfowabo, kungukungcola lokho; wambulile ubunqunu bomfowabo; bayokufa bengazange babe nabantwana. 22 “ ‘Ngakho-ke niyogcina zonke izimiso zami, nazo zonke izehlulelo zami nizenze, ukuze izwe enginiyisa kulo ukuba nihlale kulo linganiphalazi. 23 Aniyukuhamba ngezimiso zezizwe engizozixosha phambi kwenu, ngokuba zenzile zonke lezi zinto; nganengwa yizo. 24 Nokho, nganitshela ngathi: “Niyolidla izwe lazo, ngininike lona libe yifa lenu, izwe elichichima ubisi noju;” nginguSimakade uNkulunkulu wenu onehlukanisile kwezinye izizwe. 25 “ ‘Ngakho-ke niyohlukanisa phakathi kwesilwane esihlanzekileyo nesingcolileyo; inyoni engcolileyo nehlanzekileyo, aniyukuzenza nenyanyeke ngesilwane noma inyoni, nanoma yini nje enwabuzelayo emhlabeni, engikwehlukanisile ngathi kungcolile. 26 Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba Mina Simakade ngingcwele, nginehlukanisile kwabezizwe ukuba nibe ngabami. 27 “ ‘Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.’ ” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa