ULevitikusi 2 - IsiZulu 2020Umthetho Weminikelo Yokusanhlamvu 1 “ ‘Noma ngubani oletha umnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, umnikelo kufanele ube ngowempuphu ecolisekileyo, athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka kuwo. 2 Uyowuletha emadodaneni ka-Aroni angabaphristi. Ayocaphuna ngesandla impuphu ecolisekileyo, amafutha, nayo yonke inhlaka, umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare kube yisikhumbuzo, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade. 3 Okuseleyo emnikelweni wokusanhlamvu kuyakuba ngokuka-Aroni namadodana akhe, kuyingxenye yeminikelo yomlilo kaSimakade engcwelengcwele. 4 “ ‘Uma unikela ngomnikelo wokusanhlamvu obhakwe kuhhavini, mawube ngowempuphu ecolisekileyo: amaqebelengwane angenamvubelo axovwe namafutha, noma amaweyifa angenamvubelo agcotshwe ngamafutha. 5 Uma umnikelo wakho ungowokusanhlamvu okugazingwe ngomqengele akube ngowempuphu ecolisekileyo engenamvubelo exovwe namafutha. 6 Wuhlephule ube yimvuthu bese uthela amafutha kuwo, kungumnikelo wokusanhlamvu. 7 Uma umnikelo wakho ungowokusanhlamvu okugazingwe emcengezini, uyokwenziwa ngempuphu ecolisekileyo exovwe namafutha. 8 Uyakunikela kuSimakade umnikelo wokusanhlamvu olungiswe ngalezi zindlela; uwunike umphristi, yena awuyise e-althare. 9 Umphristi uyothatha eyakhe ingxenye, kuthi okunye akushise kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade. 10 Okusale emnikelweni wokusanhlamvu kuyokuba ngokuka-Aroni namadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaSimakade. 11 “ ‘Umnikelo wokusanhlamvu eninikela ngawo kuSimakade awuyukwenziwa ngokunemvubelo, ngokuba aniyukushisa imvubelo noju kube ngumnikelo womlilo kuSimakade. 12 Unganikela ngakho kuSimakade kube ngumnikelo wolibo, kodwa awuyukunikela ngakho e-althare kube yiphunga elimnandi. 13 Yonke iminikelo yakho yokusanhlamvu uboyiyolisa ngosawoti; ungawushiyi usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho eminikelweni yakho yokusanhlamvu; yonke iminikelo yakho iyoba nosawoti. 14 “ ‘Uma uletha umnikelo wokusanhlamvu wolibo kuSimakade, uyonikela ngeminyani yamabele eshiswe ngomlilo, amabele abhuliweyo eminyani emisha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu wolibo lwakho, 15 uthele amafutha kuwo, ubeke inhlaka phezu kwawo; kungumnikelo wokusanhlamvu. 16 Umphristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, ingxenye yokusanhlamvu okugquliweyo kwawo nengxenye yamafutha awo nayo yonke inhlaka yawo; kungumnikelo womlilo kuSimakade. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa