Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

ULevitikusi 10 - IsiZulu 2020


Isono Nesijeziso Samadodana Ka-Aroni

1 ONadabi no-Abhihu, amadodana ka-Aroni, bathatha izitsha zabo zempepho ngamunye, bafaka kuzo umlilo, babeka impepho phezu kwazo, banikela phambi kukaSimakade ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.

2 Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.

3 UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.

4 UMose wabiza uMishayeli no-Elizafani, amadodana ka-Uziyeli, umfowabo ka-Aroni, wathi kubo: “Sondelani, nibasuse abafowenu phambi kwendawo engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwenkambu.”

5 Base besondela, babasusa bembethe amabhantshi abo, babakhiphela ngaphandle kwenkambu, njengalokhu eshilo uMose.

6 UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Ithamari, amadodana akhe: “Ningaziqaqi izinwele emakhanda enu, ningaziklebhuli izembatho zenu ukuze ningafi, bese intukuthelo yehlela yonke inhlangano, kepha abafowenu, indlu yonke yakwa-Israyeli, ingalila ngenxa yokusha akulethileyo uSimakade.

7 Ningaphumi emnyango wethende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaSimakade aphezu kwenu.” Benza-ke njengezwi likaMose.

8 USimakade wakhuluma ku-Aroni, wathi:

9 “Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho, nxa ningena ethendeni lokuhlangana, ukuze ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.

10 Niyakwehlukanisa phakathi kokungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlanzekileyo,

11 nize nifundise abantu bakwa-Israyeli zonke izimiso uSimakade azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”


Isabelo Seminikelo Sabaphristi

12 UMose wakhuluma no-Aroni no-Eleyazare no-Ithamari, amadodana akhe ayesesele, wathi: “Thathani umnikelo wokusanhlamvu osale eminikelweni yomlilo kaSimakade, niwudle ungenamvubelo, eceleni kwe-althare, ngokuba ungcwelengcwele,

13 niyakuwudla endaweni engcwele, ngokuba uyisabelo sakho nesabelo samadodana akho eminikelweni yokushiswa kaSimakade, ngokuba ngiyalwe kanjalo.

14 Isifuba sokuzungeziswa nomlenze niyakuwudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho, ngokuba kuyisabelo sakho nesabantwana bakho enisinikwa emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantu bakwa-Israyeli.

15 Mabalethe umlenze wokuzungeziswa, nesifuba sokuzungeziswa, neminikelo yomlilo yamanoni ukuba bakuzungezise, kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade. Kuyoba ngokwakho nokwamadodana akho, kuyisabelo senu saphakade, njengalokhu uSimakade eyalile.”

16 UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono; bheka, yayishisiwe. Wabathukuthelela o-Eleyazare no-Ithamari, amadodana ka-Aroni ayesele, wathi kuwo:

17 “Aniwudlelanga ngani umnikelo wesono endaweni engcwele na? Ungcwelengcwele, futhi uSimakade uwunike nina ukuze nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaSimakade.

18 Igazi lawo alingeniswanga endaweni engcwele; benifanele impela ukuba niwudlele endaweni engcwele, njengalokhu ngayala.”

19 U-Aroni wathi kuMose: “Uyabona, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangowokushiswa phambi kukaSimakade, nokho mina ngehlelwe yilokhu. Uma bengiwudlile umnikelo wesono namuhla, bekuzakwamukeleka yini emehlweni kaSimakade na?”

20 Esekuzwile lokho uMose, kwaba kuhle emehlweni akhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan