ULevitikusi 1 - IsiZulu 2020Umthetho Weminikelo Yokushiswa 1 USimakade wabiza uMose wakhuluma naye esethendeni lokuhlangana, wathi: 2 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Noma ngubani kini oletha umnikelo wemfuyo kuSimakade, uyoletha umnikelo awuthathe ezinkomeni noma ezimvini noma ezimbuzini. 3 “ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade. 4 Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa, uyokwamukelwa ngenxa yakhe, njengomnikelo wokubuyisana. 5 Iduna liyohlatshwa phambi kukaSimakade; amadodana ka-Aroni angabaphristi alethe igazi, alifafaze nxazonke ze-althare elingasekungeneni kwethende lokuhlangana. 6 Umnikelo wokushiswa uyohlinzwa, kukhishwe izitho zawo. 7 Bayowunika amadodana ka-Aroni, umphristi abeke amalahle avuthayo e-althare, bese ehlela izinkuni phezu kwawo. 8 Amadodana ka-Aroni angabaphristi ayohlela izitho: inhloko, namanoni phezu kwezinkuni ezisemlilweni e-althare, 9 ezangaphakathi namanqina ayokugeza ngamanzi, umphristi bese ekushisa konke kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade. 10 “ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici. 11 Uyolihlabela ngasohlangothini olusenyakatho lwe-althare phambi kukaSimakade, kuthi amadodana ka-Aroni angabaphristi afafaze igazi lalo nxazonke ze-althare. 12 Liyakukhishwa izitho, inhloko namanoni alo, umphristi akuhlele phezu kwezinkuni eziphezu kwe-althare, 13 kodwa ezangaphakathi namanqina kuyakugezwa ngamanzi. Umphristi akunikele konke, akushise kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo wokushiswa, ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuSimakade. 14 “ ‘Uma umnikelo wakhe kuSimakade kungowezinyoni, uyakukhetha umnikelo wakhe phakathi kwamahobhe noma amaphuphu amajuba. 15 Umphristi uyakuwuletha e-althare, awushumpule inhloko, awushise kube nentuthu e-althare, akhamele igazi lawo ezinhlangothini ze-althare. 16 Uyosusa ingingila nokuphakathi kuyo nezimpaphe zawo akuphonse ngasempumalanga ye-althare, endaweni yomlotha. 17 Uyakulidabula phakathi kwamaphiko, kodwa angalehlukanisi. Umphristi uyakulishisa e-althare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, libe ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa