Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UJoshuwa 20 - IsiZulu 2020


Imizi Eyisithupha Yokuphephela

1 USimakade wakhuluma kuJoshuwa, wathi:

2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Misani imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngoMose

3 ukuze lowo obulala umuntu ngephutha engahlosile abalekele kuyo; iyokuba kini yindawo yokuphephela kumphindiseli wegazi.

4 Umbulali uyakubalekela komunye wayo afike ame esikhaleni sesango lomuzi, achazele amalunga alowo muzi indaba yakhe, bese emthatha amngenise emzini, amnike indawo ahlale phakathi kwawo.

5 Uma umphindiseli wegazi emlandela, ngeke neze amnikele kuye umbulali, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe ngephutha, kwakungekho nzondo phakathi kwabo ngaphambilini.

6 Umbulali uyohlala kulowo muzi kuze kuthethwe icala lakhe ebandla, kuze kufe umphristi omkhulu wangaleso sikhathi, ngaphambi kokuba umbulali abuyele ekhaya, emzini ayebaleke kuwo.’ ”

7 Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.

8 Phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, behlukanisa iBhezeri esehlane lethafa lesizwana sakwaRubeni, iRamothi kwaGileyadi esizwaneni sakwaGadi, neGolamu eBhashani esizwaneni sakwaManase.

9 Lena kwakuyimizi eyehlukaniselwa bonke abantu bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngephutha abalekele khona, angabulawa ngumphindiseli wegazi, aze ame phambi kwebandla kuthethwe icala lakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan