UJona 4 - IsiZulu 2020Ukuthukuthela KukaJona Nomusa KaNkulunkulu 1 UJona ekubona lokho okwenziwe, wathukuthela wagana unwabu. 2 Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile. 3 Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.” 4 USimakade wathi: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka na?” 5 UJona wasuka waphuma emzini, wahlala ngasempumalanga yawo, wazakhela idlangala wahlala kulo elinde ukubona ukuthi yini ezokwenzeka emzini. 6 USimakade uNkulunkulu wahlumisa isihlahla somhlakuva esenzela uJona umthunzi. UJona wawujabulela kakhulu umthunzi womhlakuva. 7 Ngakusasa entathakusa uNkulunkulu wathumela impehla, yaphehla umhlakuva, wabuna. 8 Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.” 9 UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.” 10 USimakade wathi: “Wena ukhathazekele umhlakuva ongawukhandlekelanga, nongawukhulisanga, ovumbuke nje ngobusuku obubodwa, wabuye washabalala ngobusuku obulandelayo. 11 Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa