Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UJona 2 - IsiZulu 2020


Umkhuleko KaJona

1 UJona esezibilini zenhlanzi, wakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wakhe,

2 wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami.

3 Wena wangiphonsa ezinzulwini zolwandle, amagagasi angizungeza nxazonke, amadlambi akho namagagasi akho angisibekela.

4 Ngase ngithi: ‘Ngixoshiwe ebusweni bakho, nokho ngiyobuye ngilibone ithempeli lakho elingcwele.’

5 Amanzi angihaqa, ukujula kolwandle kwangizungeza nxazonke, izintandela zathandela ekhanda lami.

6 Ngazika ngafinyelela ezisekelweni zezintaba, endaweni yabafileyo. Izinsika zomhlaba zangivalela phakade; kepha Wena, Simakade Nkulunkulu wami, wayophula impilo yami emgodini.

7 “Lapho ngiphelelwa ngamandla ngamkhumbula uSimakade, umkhuleko wami wafinyelela kuwe, ethempelini lakho elingcwele.

8 Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.

9 Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”

10 USimakade wayiyala inhlanzi ukuba imhlanze uJona, yase imkhafulela emhlabathini owomileyo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan