UJona 1 - IsiZulu 2020UJona Ubalekela USimakade 1 Izwi likaSimakade lafika kuJona, indodana ka-Amithayi, lathi: 2 “Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.” 3 Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade. 4 Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka. 5 Amatilosi esaba, kwayilelo nalelo lakhala kunkulunkulu walo. Ayesephonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini, ukuze umkhumbi ube lula. UJona wayesehlele egumbini lomkhumbi elingaphansi maphakathi nendawo, elele zwi. 6 Umkhuzi wamatilosi weza kuJona, wathi: “Ungalala kanjani uhuqe ubuthongo kunje? Vuka ubize owakho uNkulunkulu, mhlawumbe angasizwa, singashabalali.” 7 Amatilosi ahlanganisa amakhanda, athi: “Wozani senze unkatho, sibone ukuthi ngubani oyimbangela yalobu bubi obusehlelayo na? Alwenza-ke unkatho, lwadla uJona.” 8 Ayesethi kuye: “Sitshele ukuthi ngubani owenze sehlelwa yile nhlekelele? Wenza msebenzi muni wena? Uvela kuliphi izwe, futhi ungowasiphi isizwe na?” 9 Wathi kuwo: “NgingumHebheru, ngikhonza uSimakade, uNkulunkulu wamazulu, owenze ulwandle nomhlabathi owomileyo.” 10 Athi angezwa lokhu amatilosi esaba kakhulu, ayesethi kuye: “Wenzeni na?” (Ambuza kanjalo ngoba ayazi ukuthi ubalekela uSimakade ngoba wayeke wawaxoxela ngaphambilini.) 11 Ulwandle lwaya ngokuya ludlanga. Amatilosi ambuza athi: “Senzenjani ngawe ukuze ulwandle luthule na?” 12 Waphendula wathi: “Ngiqukuleni, ningiphonse olwandle, khona luzothula, ngokuba ngiyazi ukuthi yimi oyimbangela yalesi siphepho esinihlaseleyo.” 13 Amatilosi azama ukugwedlela ogwini lolwandle kepha awaphumelelanga; isiphepho samelana nawo, ulwandle lwadlanga kakhulu. 14 Amatilosi akhuleka kuSimakade, athi: “Ungasibhubhisi Simakade, ngenxa yale ndoda. Ungasisoli ngokuthi sibulele umuntu ongenacala; siyazi ukuthi Wena unguSimakade, wenza njengokuthanda kwakho.” 15 Ayesemqukula uJona, amphonsa olwandle; lwase luthula cwaka ulwandle. 16 Amatilosi amesaba kakhulu uSimakade, anikela kuye umhlatshelo, enza nezifungo. 17 USimakade wathumela inhlanzi enkulu ukuba igwinye uJona. UJona wayesesiswini senhlanzi izinsuku ezintathu, nobusuku obuthathu. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa