Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UJobe 8 - IsiZulu 2020


Inkulumo Yokuqala KaBhilidadi

1 Wayesethatha uBhilidadi, umShuhi, wathi:

2 “Kuyoze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na?

3 Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa, uSomandla aphendukezele ukulunga na?

4 Uma abantwana bakho bonile kuye, wabanikela emandleni eziphambeko zabo.

5 Kuyothi lapho umfuna uNkulunkulu, umnxusa uSomandla,

6 uma uhlambulukile, uqotho, Yena uyokubheka, akubuyisele endaweni yakho efaneleyo.

7 Nakuba ukuqala kwakho kwakungokuncane, nokho ikusasa lakho liyokhula kakhulu.

8 Ake ubuze manje ngezizukulwane ezakwandulelayo, uqaphele okwatholwa ngokhokho bazo,

9 ngoba thina singabayizolo nje, asinalwazi; izinsuku zethu emhlabeni ziyithunzi.

10 Bona abayukukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo na?

11 Umhlanga ungahluma yini lapho kungenaxhaphozi khona na? Ibhuma lingamila yini kungekho amanzi na?

12 Uma liseluhlaza, lingakakhiwa, liyabuna phambi kwabo bonke utshani.

13 “Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.

14 Ithemba lakhe liyakunqunywa, nesisekelo sakhe siyindlu yolwembu.

15 Uyakwencika endlini yakhe, kepha ayiyukuma; uma ebambelela kuyo, ayiyukuqina.

16 Yena uluhlaza phambi kwelanga; imixhantela yakhe iyenaba ensimini yakhe.

17 Izimpande zakhe ziyathandela enqwabeni yamatshe, zikhule phakathi kwamatshe.

18 Uma ebhujiswa endaweni yakhe, iyakumphika ithi: ‘Angikaze ngikubone.’

19 Bheka, lokho kuyindlela yakhe yokuthokoza. Kusazovela omunye othulini.

20 “Phela uNkulunkulu akayukumlahla ongenasici, akayukuzibamba izandla zabenza okubi,

21 aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka, nezindebe zakho ngenhlokomo yokwethaba.

22 Abakuzondayo bayothelwa ngehlazo; ithende lezikhohlakali alisayukuba bikho.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan