Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UJobe 35 - IsiZulu 2020


U-Elihu Uthi UNkulunkulu Umelwe Ukufunwa Ngokuthobeka

1 U-Elihu wakhuluma wathi:

2 “Ucabanga ukuthi lokhu kulungile yini na? Uthi: ‘Mina ngilungile phambi kukaNkulunkulu,’

3 uthi: ‘Kungisiza ngani na?’ nokuthi: ‘Ngizuzeni ebengingayizuza uma bengingonanga na?’

4 “Ngizoniphendula mina, wena nabangani bakho.

5 Bheka ezulwini, ubone, uqaphele ukuthi amafu angaphezu kwakho.

6 Uma wona, wenzani kuye na? Uma wenza iziphambeko eziningi kwenzani kuye lokho na?

7 Uma ulungile, utholani yena ngalokho, uzuzani esandleni sakho na?

8 Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu abafana nawe, kanjalo nokulunga kwakho kuthinta abanye abantu.

9 “Ngenxa yokwanda kokucindezelwa, abantu bayakhononda, bayakhala, banxusa ukusizwa esandleni esinamandla.

10 Kepha akekho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMdali wami ovusa ingoma kwesikabhadakazi.

11 Thina nezilwane zomhlaba usifundisa okuningi, asenze sihlakaniphe kakhulu kunezinyoni ezindiza emkhathini.’

12 Abantu akabaphenduli uma bekhala, ngenxa yokuzikhukhumeza kwezikhohlakali.

13 Impela uNkulunkulu akakulaleli ukukhala okuyize, uSomandla akakugqizi qakala.

14 Kakhulu kangakanani uma uthi awuboni, nokuthi icala liphambi kwakhe, wena ulindele Yena!

15 Kepha manje, ngoba intukuthelo yakhe ayijezisi, akazinaki kakhulu iziphambeko,

16 uJobe uvula umlomo wakhe, akhulume okuyize, wandisa amazwi engenalwazi.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan