UJobe 27 - IsiZulu 2020Inkulumo Yokugcina KaJobe 1 UJobe waphinde waziphendulela, wathi: 2 “Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami; 3 inqobo nje uma ngisaphefumula, nomoya kaNkulunkulu usesemakhaleni ami, 4 izindebe zami aziyukuyikhuluma inkohlakalo, nolimi lwami aluyukuyikhipha inkohliso. 5 Makube kude nami ukuba nginivumele ukuthi nilungile, angiyukusuka ebuqothweni bami, ngize ngife. 6 Ngibambelele ekulungeni kwami, angisoze ngakuyeka, inhliziyo yami ayizenyezi nangolulodwa lwemihla yami. 7 “Isitha sami masifane nesikhohlakali, nomelene nami abe njengowenza okubi. 8 Liyini ithemba longenankulunkulu nxa enqunywa, lapho uNkulunkulu ethatha umphefumulo wakhe na? 9 UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa wusizi na? 10 Uyakuthokoza yini ngoSomandla, ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke na? 11 “Ngizakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu; okukuSomandla angiyukukufihla. 12 Bhekani, nina nonke nikubonile, kungani senenza okuyize na? 13 “Lokhu kuyisabelo somuntu oyisikhohlakali kuNkulunkulu, nefa lezidlova ezilabelwa nguSomandla. 14 Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba; nabozalo lwakhe abayukusutha ngukudla. 15 Abaseleyo bakhe bayobulawa wubhubhane, abafelokazi babo bangalili. 16 Noma angambondela isiliva njengothuli, anqwabele izembatho njengodaka, 17 uyakukwenza lokho, kodwa ziyokwembathwa ngolungileyo, ongenacala ehlukanise isiliva. 18 Indlu yakhe uyakhe njengenundu, njengedlangala elakhiwe ngumlindi. 19 Ulala eyisigwili, kodwa ngeke esakwenza lokho, uyothi evula amehlo akhe ube ungasekho umcebo. 20 Uvalo luyakumgabha njengesikhukhula, ebusuku, isishingishane simphephule. 21 Umoya wasempumalanga uyakumphephulela phezulu, umphephule asuke endaweni yakhe. 22 Uyakumphephula ungamhawukeli, athi galo yephuka ebalekela amandla awo. 23 Abantu bayoshaya izandla, bamklibhizele, bamnximfele, esendaweni yakhe.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa