Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UJobe 26 - IsiZulu 2020


UJobe Uphendula Inkulumo Yesithathu KaBhilidadi

1 UJobe waphendula, wathi:

2 “Umsize kanjani ongenamandla na? Wayisindisa kanjani ingalo engenamandla na?

3 Umeluleke kanjani ongahlakaniphile na? Wamnika izeluleko ezinhle kangakanani ongenakuqonda na?

4 Usizwe ngubani ukuba usho lawo mazwi? Uwafunzwe ngubani uze ukhulume kanjena na?

5 “Izithunzi ziyathuthumela phansi kwamanzi, nakho konke okuhlala kuwo.

6 Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, asikho isembozo sendawo yokubhubha.

7 Wendlala inyakatho phezu kweze, aphanyeke umhlaba ezeni.

8 Ubopha amanzi emafini akhe, ifu alidabuki phansi kwawo.

9 Usibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi, aneke ifu lakhe phezu kwaso.

10 Udweba isiyingelezi phezu kwamanzi, sibe ngumngcele phakathi kokukhanya nobumnyama.

11 Izinsika zezulu ziyathuthumela, zethuswa ngukukhuza kwakhe.

12 Unyakazise ulwandle ngamandla akhe; ngokuqonda kwakhe wambhubhisa uRahabi.

13 Ngomoya wakhe amazulu ayakhazimuliswa; isandla sakhe sabhokoda inkanyamba eshwibekayo.

14 Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan