UJobe 25 - IsiZulu 2020Inkulumo Yesithathu KaBhilidadi 1 Kwase kuphendula uBhilidadi, umShuhi, wathi: 2 “Ukubusa nokwesabeka kukuye, nguye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo. 3 Ukhona yini ongabala amaviyo akhe na? Ngubani ukukhanya kwakhe okungamkhanyiseli na? 4 Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na? 5 Bheka, inyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlanzekile emehlweni akhe. 6 Kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu nje, nendodana yomuntu eyisibungu na?” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa