UJobe 23 - IsiZulu 2020UJobe Uphendula Inkulumo Yesithathu Ka-Elifazi 1 Wayesephendula uJobe, wathi: 2 “Nanamuhla ukukhononda kwami kumunyu; isandla sami sinzima, nakuba ngibubula. 3 Sengathi ngabe ngiyazi ukuthi ngizomthola kuphi, ukuze ngifike endaweni yakhe. 4 Bengiyakulwethula udaba lwami phambi kwakhe, umlomo wami ngiwugcwalise ngamazwi empikiswano. 5 Bengiyakuwazi amazwi abeyokungiphendula ngawo, ngikuqonde abezokusho kimi. 6 Ubeyakuphikisana nami yini ngamandla akhe amakhulu na? Qha, ubeyongilalela. 7 Olungileyo ubengaphikisana naye, mina ngikhululwe kumehluleli wami ingunaphakade. 8 Kepha uma ngiya phambili, akekho lapho, uma ngiya emuva, angimboni 9 ngakwesokhohlo, lapho ezifihle khona, angimboni; ujikela ngakwesokunene, kepha angimboni. 10 “Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide. 11 Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga. 12 Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami. 13 “Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe. 14 Uyakukufeza lokho angiqokele khona; nokunye okuningi okusemqondweni wakhe. 15 Ngakho-ke ngiyamesaba nxa ngiphambi kwakhe, uma ngicabanga ngaye ngiba nengebhe ngaye. 16 UNkulunkulu uyidangalisile inhliziyo yami. uSomandla ungethusile, 17 Angibhujiswanga phambi kwesigayegaye, nakuba okumnyama kungisibekele.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa