Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UJobe 2 - IsiZulu 2020


UJobe Uyalingwa Ukubekezela Kwakhe

1 Ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu, azibonakalisa phambi kukaSimakade; noSathane wafika wema kanye nawo phambi kukaSimakade.

2 USimakade wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ekuzulazuleni emhlabeni ngehla ngenyuka kuwo.”

3 Wayesethi uSimakade kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele yini inceku yami uJobe na? Akekho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu, ogwema okubi, osabambelele ebumsulweni bakhe noma ungibelesela ukuba ngimelane naye, ngimbhubhise engenacala.”

4 USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.

5 Ake welule isandla sakho uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, uzobona uyakukuthuka bukhoma.”

6 USimakade wayesethi kuSathane: “Kulungile-ke, ngimnikela esandleni sakho, kodwa ungalinge uthinte umphefumulo wakhe.”

7 USathane wayesemuka ebukhoneni bukaSimakade. Wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.

8 UJobe wathatha udengezi ukuba azenwaye ngalo; wayehleli emlotheni.

9 Umkakhe wayesethi kuye: “Usabambelele yini ebumsulweni bakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”

10 Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


Abangani BakaJobe Bafika Kuye

11 Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama.

12 Kuthe besebuqamama baphakamisa amehlo abo, kodwa abambonanga ukuthi nguye; badazuluka bakhala, kwayilowo nalowo waklebhula ingubo yakhe, bazithela amakhanda ngothuli beluphonsa phezulu.

13 Bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, bengasho lutho kuye, ngokuba babona ukuthi wayesebuhlungwini obukhulu kakhulu.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan