UJeremiya 47 - IsiZulu 2020Isiphrofetho SikaJeremiya NgamaFilisti 1 Izwi likaSimakade elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana namaFilisti, ngaphambi kokuba uFaro alinqobe iGaza, lathi: 2 Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, azakuba ngumfula okhukhulayo, azokhukhula izwe nokukulo, umuzi nabakhe kuwo. Abantu bayakukhala; bonke abakhe ezweni bayakukhala, bakhihle isililo. 3 Ngomsindo wokugabadula kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, ngobukhehlekhehle bezinqola zakhe, nangomsindo wamasondo akhe; oyise ababheki emuva kubantwana, ngenxa yobuntekenteke bezandla zabo, 4 nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori. 5 IGaza iyakuba nempandla, i-Ashikeloni lishabalele, wena nsali yensali yesigodi sabo, uyakuzisika kuze kube nini na? 6 “Awu wena nkemba kaSimakade, kuyoze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole. 7 Kepha ingaphumula kanjani, ngokuba uSimakade uyalezile na? Uyijubile e-Ashikeloni, nasogwini lolwandle.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa