UJeremiya 22 - IsiZulu 2020Izwi LikaSimakade Enkosini YakwaJuda 1 USimakade washo kanje, wathi: “Yehlela esigodlweni senkosi yakwaJuda, ukhulume lapho leli lizwi, 2 uthi: ‘Yizwa izwi likaSimakade, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho, nabantu bakho abangena ngalawa masango. 3 Usho kanje uSimakade, uthi: “Yenzani ubulungiswa nokulunga, nisindise ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningabahlukumezi abafokazi nezintandane nabafelokazi, futhi ningabaphathi kabi, nangesihluku, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo. 4 Impela uma niyokwenza lokhu ngokucophelela, kuyakungena emasangweni ale ndlu amakhosi ahleli esihlalweni sobukhosi sikaDavide egibele ezinqoleni nasemahhashini, wona kanye nezinceku zawo nabantu bawo. 5 Kepha uma ningawalaleli lawa mazwi, ngizifunga Mina uqobo,” kusho uSimakade, “ukuthi le ndlu iyophenduka incithakalo.” ’ ” 6 Ngokuba usho kanje uSimakade ngesigodlo senkosi yakwaJuda, uthi: “Ufana neGileyadi kimi, nanjengesicongo seLebhanoni, kodwa ngiyokwenza ube yihlane nemizi okungahlali muntu kuyo. 7 Ngizakumisa ababhubhisi abazomelana nawe; yilowo nalowo nesikhali sakhe; bayakugawula imisedari yakho yekhethelo, bayiphonse emlilweni. 8 “Izizwe eziningi ziyokwedlula kulo muzi, kube yileso naleso sithi kwesinye: ‘USimakade ukwenzeleni okunje kulo muzi omkhulu na?’ 9 Bayophendula ngalokho, bathi: ‘Kungokuba basishiyile isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.’ ” Izwi LikaSimakade KuShalumi 10 Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli; kodwa mkhaleleni kalusizi othunjwayo, ngokuba akasayukubuya; kasayukuphinde alibone izwe azalelwa kulo. 11 Ngokuba usho kanje uSimakade kuShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, futhi owaphuma kule ndawo, uthi: “Akasayukubuyela lapha, 12 kodwa uyofela kuleyo ndawo abamthumbele kuyo; akasayukubuye futhi alibone leli lizwe.” Izwi LikaSimakade KuJehoyakimu 13 “Maye, kowakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungiswa, osebenzisa owezwe lakubo angamholeli, angamniki iholo ngomsebenzi wakhe, 14 othi: ‘Ngiyakuzakhela indlu enkulu enamakamelo abanzi aphezulu,’ azibhobozele amafasitela, bese eyimboza ngemisedari, ihuqwe ngokubomvu! 15 “Ukuncintisana ngemisedari ngabe kukwenza ube yinkosi yini na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ubulungiswa nokulunga, kwaba kuhle kuye na? 16 Walumela udaba lompofu nontulayo, kwaba kuhle; lokhu akusikho yini ukwazi Mina na?” kusho uSimakade. 17 “Kepha amehlo akho nenhliziyo yakho kusenzuzweni engalungile kuphela, ekuchitheni igazi elingenacala, ekucindezeleni, nasekwenzeni ubudlova.” 18 Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayukumlilela bathi: ‘Hawu, mfowethu,’ noma, ‘Hawu, dadewethu!’ futhi abayukumkhalela bathi: ‘Hawu, nkosi,’ noma, ‘Maye, inkazimulo yakhe!’ 19 Uyakungcwatshiswa okwembongolo, ahudulwe, alahlwe ngale kwamasango eJerusalema.” Izwi LikaSimakade NgeJerusalema 20 “Khuphukela eLebhanoni, ukhihle isililo; phakamisa izwi lakho eBhashani, ukhale use-Abharimi, ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe. 21 Ngakhuluma kuwe kusakuhambela kahle, kepha wathi: ‘Ngeke ngilalele.’ Lokhu kungumkhuba wakho, kwasebusheni bakho; ukuba ungalilaleli izwi lami. 22 Umoya uyakubelusa bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni, ujabhe ngenxa yabo bonke ububi bakho. 23 Wena ohlala eLebhanoni, osidleke sakho sisemisedarini, uyobubula kanjani lapho sewuhelelwa, usunemihelo njengowesifazane obelethayo na? Izwi LikaSimakade KuKhoniya Indodana KaJehoyakhini 24 “Ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade, “noma ngabe uKhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ube yindandatho yokusicilela esesandleni sami sokunene, bengiyokukuhluthula khona lapho, 25 ngikunikele esandleni sabafuna ukuphila kwakho, nasesandleni salabo obesabayo; esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nasesandleni samaKhaledi. 26 Ngiyakukutshinga kwelinye izwe, wena nonyoko, izwe lapho ningazalelwanga khona; nifele lapho. 27 Kepha abayukubuyela ezweni, abalangazelela ukubuyela kulo.” 28 Le ndoda, uKhoniya, iyibhodwe elidelelwayo, noma isitsha esingafunwa muntu. Kungani ukuba yena nozalo lwakhe belahliwe, balahlelwa ezweni abangalaziyo na? 29 Wena lizwe, lizwe, lizwe, yizwa izwi likaSimakade! 30 Usho kanje uSimakade, uthi: “Le ndoda yilobeni ukuthi ayinamntwana, indoda engayukuphumelela ngezinsuku zayo. Ngokuba akukho namunye ozalweni lwayo oyophumelela, ahlale esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abuye abuse kwaJuda.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa