Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UHezekeli 8 - IsiZulu 2020


Ukukhonzwa Kwezithombe Ethempelini

1 Kwathi ngonyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngosuku lwesihlanu lwayo, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uSimakade sehlela phezu kwami ngilapho.

2 Ngabona; bheka, okwakubonakala kunjengomlilo, kusukela kokungathi ukhalo kwehle, kwakunomlilo. Kusukela okhalo kuya kwesingenhla kwakunjengokukhazimula futhi kungathi yinto emenyezelayo.

3 Wayeselula okufana nesandla, wangibamba ngezinwele zekhanda lami. UMoya wangiphakamisela emkhathini, phakathi komhlaba nezulu; wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema, esivalweni sesango legceke eliphakathi, elibheke enyakatho; yilapho kwakukhona isithombe somhawu, esibanga umhawu.

4 Kwakukhona lapho inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli eyayifana nengayibona esigodini.

5 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ake uphakamise amehlo akho, ubheke ngasenyakatho.” Ngawaphakamisa amehlo ami, ngabheka ngasenyakatho; ngabona ngasenyakatho yesango le-althare isithombe salo mhawu sisekungeneni.

6 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyakubona yini lokhu abakwenzayo; izinengiso ezinkulu indlu yakwa-Israyeli ezenza lapha, ukuze ngiqhele ngibe kude nendlu yami engcwele na? Kepha usazobuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu.”

7 Wayesengiyisa esangweni legceke; ngabona kunembobo ogangeni.

8 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ake ugqebhule ugange.” Kwathi ukuba ngilugqebhule ugange, mameshane, kwakukhona umnyango.

9 Wayesethi kimi: “Ngena, ubone izinengiso ezimbi abazenzayo lapha.”

10 Ngangena, ngabona; kwakunemifanekiso yazo zonke izinto ezinwabuzelayo, nezilwanyana ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli, kudwetshwe odongeni nxazonke.

11 Lapho kwakumi abantu abangama-70, abangamalunga endlu yakwa-Israyeli; phakathi kwabo kunoJahazaniya, indodana kaShafani. Yilowo nalowo muntu wayephethe ngesandla isitsha sakhe sempepho, nephunga lefu lempepho lenyukela phezulu.

12 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”

13 Wabuye wathi: “Uzobuyela uyobona ezinye izinengiso ezinkulu abazenzayo.”

14 Wayesengiyisa ekungeneni kwesango lendlu kaSimakade, elalingasenyakatho. Kwakukhona lapho abesifazane ababehlezi belilela uThamuzi.

15 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ubonile yini na? Usazobuyela uyobona izinengiso ezinkulu kunalezi.”

16 Wayesengingenisa egcekeni lendlu kaSimakade elaliphakathi; ngasemnyango wethempeli likaSimakade, phakathi komphemegumbi ne-althare, kwakukhona amadoda angama-25 efulathele ithempeli likaSimakade. Ubuso bawo babubheke empumalanga, ekhothamela ngasempumalanga, ekhonza ilanga.

17 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ubonile yini na? Kuyinto engelutho yini endlini yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenza lapho na? Ngokuba baligcwalisile izwe ngobudlova, bedlula bachukuluza ulaka lwami. Uyabona, babeka amagatsha emakhaleni abo.

18 Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan