UHezekeli 35 - IsiZulu 2020Isiphrofetho Ngentaba ISeyiri 1 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni iSeyiri uphrofethe umelane nayo, 3 uthi kuyo, ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngimelene nawe ntaba iSeyiri; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikushaye, ngikwenze ube yincithakalo neze. 4 Imizi yakini ngiyakuyenza ibe yihlane, wena ube yincithakalo; uyakukwazi ukuthi nginguSimakade. 5 “ ‘ “Ngenxa yokuba unobutha obungapheliyo, futhi unikele abakwa-Israyeli ukuba badliwe yinkemba lapho behlelwa yisigemegeme, ngesikhathi bethola isijeziso sabo sokugcina, 6 ngakho-ke ngifunga ngiyagomela,” ’ ” kusho iNkosi uNkulunkulu, “ ‘ “ngiyakukunikela ekuchithekeni kwegazi, ukuchitheka kwegazi kube yinsakavukela kuwe, ngokuba awukuzondi ukuchitha igazi. 7 Intaba iSeyiri ngiyakuyenza ibe yincithakalo neze, ngimbulale odlula kuyo nobuya kuyo. 8 Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo, abagwazwe ngenkemba bayakuwela emagqumeni akho, ezigodini zakho, nakuyo yonke imifula yakho. 9 Ngiyakukwenza incithakalo yaphakade, imizi yakini ingabe isahlala muntu, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade. 10 “ ‘ “Ngokuba wathi: ‘Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, ngidle ifa lakho,’ nakuba uSimakade ebelapho, 11 ngakho-ke ngifunga ngiyagomela,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafele wona ngokubazonda kwakho, ngizazise kubo, lapho sengikwehlulela. 12 Kulapho-ke uyokwazi khona ukuthi nginguSimakade. Ngiyizwile yonke inhlamba yakho oyithuke usezintabeni zakwa-Israyeli, uthi: Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle. 13 “ ‘ “Nizikhukhumezile kimi ngomlomo wenu, naphindaphinda amazwi enu. Mina ngizwile.” ’ ” 14 Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi lapho umhlaba wonke uthokoza, wena ngikwenze ube yincithakalo. 15 Njengoba nawe wathokoza ngefa lendlu yakwa-Israyeli, lapho iba yincithakalo, ngiyakwenza kanjalo nakuwe. Wena ntaba iSeyiri uyakuba yincithakalo, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke jikelele, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa