Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UGenesise 6 - IsiZulu 2020


Ukudlanga Kokonakala Kwabantu

1 Kuthe lapho abantu sebeqala ukwanda ebusweni bomhlaba, sebezele amadodakazi,

2 amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.

3 USimakade wathi: “UMoya wami awuyukuhlala phakathi kwabantu kuze kube phakade, ngoba bayinyama nje. Iminyaka yabo yokuphila isizoba yi-120.”

4 Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo.

5 USimakade wabona ukuthi ububi babantu sebubukhulu emhlabeni nokuthi izizindlo zezinhliziyo zabo zihlala zizimbi njalo,

6 wayesezisola uSimakade ukuthi ubadaleleni abantu emhlabeni. Lokho kwamkhathaza enhliziyweni yakhe, wayesethi:

7 “Ngizobashaya ngibaqothule ebusweni bomhlaba abantu engibadalileyo. Abantu nezilwane, izilwane ezihuquzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngikudaleleni.”

8 Nokho uNowa wafumana umusa emehlweni kaSimakade.


Umlando KaNowa Nezizukulwane Zakhe

9 Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.

10 UNowa wazala amadodana amathathu: uShemu, uHamu, noJafethi.

11 Umhlaba wase wonakele kakhulu phambi kukaNkulunkulu, ugcwele ubudlova.

12 UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.


Ukumenyezelwa Kukazamcolo

13 UNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukubabhubhisa bonke abantu, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabo. Bheka, ngizobabhubhisa nomhlaba.

14 Wena zakhele umkhumbi ngezingodo zomgoferi, uwakhe ube namakamelo, uwubhixe ngebhithumeni ngaphakathi nangaphandle.

15 Uzowakha kanje: ubude bawo bube ngamakhubhithi angama-300, ububanzi bube ngamakhubhithi angama-50, kuthi ukuphakama kwawo kube ngamakhubhithi angama-30.

16 Uwufulele, ushiye isikhala esiyikhubhithi eyodwa phakathi kophahla macala wonke. Uwakhe ube namagumbi amathathu, elinye libe phezu kwelinye, kube nomnyango eceleni.

17 Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.

18 Kepha ngizokwenza nawe isivumelwano, uzongena emkhunjini wena nomkakho namadodana akho nomkawo,

19 bese ungenisa zonke izilwane ngazimbili ngezinhlobo zazo, kube yiduna nensikazi ukuze ziphile nawe.

20 Ungenise izinyoni ngezinhlobo zazo, nezilwane ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo, konke lokho kungene ngakubili ukuze kuphile.

21 Zithathele lonke uhlobo lokudla ukulondoloze, ukuze kube ngukudla kwenu nokwazo.”

22 UNowa wakwenza konke lokho uNkulunkulu ayemyale ukuba akwenze.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan