Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UGenesise 5 - IsiZulu 2020


Uzalo Luka-Adamu

1 Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye.

2 Wadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wababiza ngokuthi ngabantu ngosuku abadala ngalo.

3 Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.

4 Esezelwe uSethi, u-Adamu waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

5 Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Adamu yaba ngama-930, wayesefa.

6 Kwathi uSethi eseneminyaka eyi-105, wazala u-Enoshe.

7 Esezelwe u-Enoshe, uSethi waphila iminyaka engama-807 emva kokuzalwa kuka-Enoshe, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

8 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguSethi yaba ngama-912, wayesefa.

9 Kwathi u-Enoshe eseneminyaka engama-90, wazala uKhenani.

10 Esezelwe uKhenani, u-Enoshe waphila iminyaka engama-815, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

11 Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enoshe yaba ngama-905, wayesefa.

12 Kwathi uKhenani eseneminyaka engama-70, wazala uMahalaleli.

13 Esezelwe uMahalaleli, uKhenani waphila iminyaka engama-840, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

14 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguKhenani yaba ngama-910, wayesefa.

15 Kwathi uMahalaleli eseneminyaka engama-65, wazala uJaredi.

16 Esezelwe uJaredi, uMahalaleli waphila iminyaka engama-830, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

17 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMahalaleli yaba ngama-895, wayesefa.

18 Kwathi uJaredi eseneminyaka eyi-162, wazala u-Enokhi.

19 Esezelwe u-Enokhi, uJaredi waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

20 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguJaredi yaba ngama-962, wayesefa.

21 Kwathi u-Enokhi eseneminyaka engama-65, wazala uMethusela.

22 Esezelwe uMethusela, u-Enokhi waphila iminyaka engama-300 ehamba noNkulunkulu, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

23 Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enokhi yaba ngama-365.

24 U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.

25 Kwathi uMethusela eseneminyaka eyi-187, wazala uLameki.

26 Esezelwe uLameki, uMethusela waphila iminyaka engama-782, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

27 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMethusela yaba ngama-969, wayesefa.

28 Kwathi uLameki eseneminyaka eyi-182, wazala indodana.

29 Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.”

30 Esezelwe uNowa, uLameki waphila iminyaka engama-595, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

31 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguLameki yaba ngama-777, wayesefa.

32 Kwathi uNowa eseneminyaka engama-500, wazala uShemu, uHamu, noJafethi.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan