UGenesise 5 - IsiZulu 2020Uzalo Luka-Adamu 1 Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye. 2 Wadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wababiza ngokuthi ngabantu ngosuku abadala ngalo. 3 Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi. 4 Esezelwe uSethi, u-Adamu waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 5 Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Adamu yaba ngama-930, wayesefa. 6 Kwathi uSethi eseneminyaka eyi-105, wazala u-Enoshe. 7 Esezelwe u-Enoshe, uSethi waphila iminyaka engama-807 emva kokuzalwa kuka-Enoshe, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 8 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguSethi yaba ngama-912, wayesefa. 9 Kwathi u-Enoshe eseneminyaka engama-90, wazala uKhenani. 10 Esezelwe uKhenani, u-Enoshe waphila iminyaka engama-815, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 11 Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enoshe yaba ngama-905, wayesefa. 12 Kwathi uKhenani eseneminyaka engama-70, wazala uMahalaleli. 13 Esezelwe uMahalaleli, uKhenani waphila iminyaka engama-840, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 14 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguKhenani yaba ngama-910, wayesefa. 15 Kwathi uMahalaleli eseneminyaka engama-65, wazala uJaredi. 16 Esezelwe uJaredi, uMahalaleli waphila iminyaka engama-830, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 17 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMahalaleli yaba ngama-895, wayesefa. 18 Kwathi uJaredi eseneminyaka eyi-162, wazala u-Enokhi. 19 Esezelwe u-Enokhi, uJaredi waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 20 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguJaredi yaba ngama-962, wayesefa. 21 Kwathi u-Enokhi eseneminyaka engama-65, wazala uMethusela. 22 Esezelwe uMethusela, u-Enokhi waphila iminyaka engama-300 ehamba noNkulunkulu, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 23 Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enokhi yaba ngama-365. 24 U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha. 25 Kwathi uMethusela eseneminyaka eyi-187, wazala uLameki. 26 Esezelwe uLameki, uMethusela waphila iminyaka engama-782, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 27 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMethusela yaba ngama-969, wayesefa. 28 Kwathi uLameki eseneminyaka eyi-182, wazala indodana. 29 Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.” 30 Esezelwe uNowa, uLameki waphila iminyaka engama-595, waphinde wazala amadodana namadodakazi. 31 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguLameki yaba ngama-777, wayesefa. 32 Kwathi uNowa eseneminyaka engama-500, wazala uShemu, uHamu, noJafethi. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa