Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UGenesise 25 - IsiZulu 2020


Amadodana Ka-Abhrahama Awazala KuKethura

1 U-Abhrahama wabuye wathatha enye inkosikazi okuthiwa nguKethura.

2 Yamzalela uZimrani, uJokishani, uMedani, uMidiyani, u-Ishibhaki, noShuwa.

3 UJokishani wayenguyise kaShebha noDedani. Amadodana kaDedani kwakungama-Ashuri, amaLethushi, namaLewumi.

4 Amadodana kaMidiyani: kwakungu-Efa, u-Eferi, uHanokhi, u-Abhida, no-Elda. Bonke laba babeyizizukulwane zikaKethura.

5 U-Abhrahama walabela u-Isaka lonke ifa lakhe,

6 kodwa amadodana ezancinza zakhe, u-Abhrahama wawanika izipho esaphila, wayeseyawaqhelisa endodaneni yakhe u-Isaka, aya ngasempumalanga, empumalanga.


Ukufa Nokungcwatshwa Kuka-Abhrahama

7 Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Abhrahama yayiyi-175.

8 U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.

9 Amadodana akhe u-Isaka no-Ishmayeli bamngcwaba emgedeni eMakhaphela osensimini ka-Efroni indodana kaZowari umHithi, empumalanga neMamre,

10 insimu u-Abhrahama ayeyithenge kumaHithi. U-Abhrahama wangcwatshwa lapho kwathunwa khona umkakhe uSara.

11 Esefile u-Abhrahama, uNkulunkulu wayibusisa indodana yakhe u-Isaka. U-Isaka wakha e-Ebheri Lahayi Royi.


Izizukulwane Zika-Ishmayeli
( 1 IZik. 1:28-31 )

12 Nazi izizukulwane zika-Ishmayeli indodana ka-Abhrahama, ayizalelwa yisigqila sikaSara, uHagari umGibhithe.

13 Lawa ngamagama amadodana ka-Ishmayeli ngokwelamana kwawo: izibulo kwakunguNebhayothi, kulandele uKheda, u-Adibhiyeli, uMibhisamu,

14 uMishima, uDuma, uMasa,

15 uHadadi, uThema, uJethuri, uNaphishi, noKedema.

16 Yilawo-ke amagama amadodana ka-Ishmayeli ngokwakha kwawo emizaneni yawo, nangokuma kwawo enkanjini, ayizinhloko zezizwana ezilishumi nambili.

17 Isiyonke iminyaka yokuphila kuka-Ishmayeli yayiyi-137. Wafa, wangcwatshwa koyisemkhulu.

18 Izizukulwane zakhe zakha kusukela eHavila kuyoshaya eShuri, eduze nomngcele eGibhithe uma ulibhekise e-Ashuri. U-Ishmayeli wayengumdlwembe phakathi kwabafowabo, ehlala ebachukuluza.


Ukuzalwa Kuka-Esawu NoJakobe

19 Nanku umlando ka-Isaka indodana ka-Abhrahama: u-Abhrahama wazala u-Isaka.

20 U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu.

21 U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.

22 Abantwana babeqhubukushana ngaphakathi kuye, waze wathi: “Uma kuzoba nje, pho ngisaphilelani na?” Wayeseyobuza kuSimakade.

23 USimakade wathi kuye: “Esibelethweni sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ozozizala. Ziyakwehlukana ezibilini zakho; esinye isizwe siyakwehlula esinye, omkhulu akhonze omncane.”

24 Kwathi sesifikile isikhathi sokubeletha, wazibula ngamawele.

25 Owabona ilanga kuqala wayenomzimba ompofu ngebala, ephuphuzela uboya bunjengobesiphuku, lona wamqamba igama wathi ngu-Esawu.

26 Emva kwakhe kwazalwa umfowabo owaphuma ebambelele esithendeni sika-Esawu, wamqamba igama wathi nguJakobe. U-Isaka wayeneminyaka engama-60 ngesikhathi kuzalwa laba bafana.

27 Bakhula abafana, u-Esawu waba yiphisi, ekhonze ukuhlala endle; uJakobe wayengumuntu othule engumnqolo, ehlala emathendeni.

28 U-Isaka wayemthanda kakhulu u-Esawu, ngokuba wayeyithanda inyama yenyamazane, kanti uJakobe wayethandwa kakhulu ngunina uRibheka.


U-Esawu Uthengisa Ngelungelo Lobuzibulo Bakhe

29 Langa limbe uJakobe epheke isilovela samalentili, kwafika u-Esawu evela endle, eyetha yindlala.

30 U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe kuleso silovela sakho esibomvu, ngafa yindlala.” Kungakho kuthiwa ungu-Edomi.

31 UJakobe wathi: “Ngithengisele kuqala ilungelo lobuzibulo bakho.”

32 U-Esawu wathi: “Ngiyafa yiphango. Linamsebenzi muni ilungelo lobuzibulo bami kimi na?”

33 UJakobe wathi: “Funga kuqala.” Wayesefunga-ke. U-Esawu wadayisa kanjalo-ke ngelungelo lobuzibulo bakhe kuJakobe.

34 UJakobe wayesemupha isinkwa nesilovela samalentili. U-Esawu wadla, waphuza, wahamba. U-Esawu walidela kanjalo ilungelo lobuzibulo bakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan