Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UGenesise 11 - IsiZulu 2020


Umbhoshongo WaseBhabhele

1 Emhlabeni wonke abantu babekhuluma lulimi lunye.

2 Basuka empumalanga baze bayofika emathafeni eShinari, bahlala khona.

3 Babonisana, bathi: “Wozani sibumbe izitini, sizipheke emlilweni ukuze ziqine!” Esikhundleni samatshe babumba izitini, esikhundleni sodaka benza ibhithumeni.

4 Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”

5 USimakade wehla ukuzobona umuzi nombhoshongo owawakhiwe ngabantu.

6 Wathi: “Bheka, laba bantu basizwe sinye, bakhuluma lulimi lunye. Lokhu kuseyisiqalo nje sezinto abazozenza. Manje sebezokwenza noma yini abazimisele ukuyenza.

7 Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”

8 USimakade wabahlakaza kanjalo-ke bagcwala umhlaba wonke, bakuyeka ukwakha umuzi.

9 Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.


Izizukulwane ZikaShemu
( 1 IZik. 1:24-27 )

10 Nanku umlando wezizukulwane zikaShemu. Kwaphela iminyaka emibili unqamukile uzamcolo, uShemu eseneminyaka eyikhulu, wazala u-Arifaksadi.

11 Esemzele u-Arifaksadi, waphila iminyaka engama-500: wayezele namanye amadodana namadodakazi.

12 Kuthe u-Arifaksadi eseneminyaka engama-35, wazala uShela.

13 Emva kokuzala uShela, u-Arifaksadi waphila iminyaka engama-403, wabuye wazala amadodana namadodakazi.

14 UShela wayeseneminyaka engama-30 ezala u-Ebhere.

15 Esemzele u-Ebhere, waphila iminyaka engama-403, wabuye wazala amadodana namadodakazi.

16 Kuthe u-Ebhere eseneminyaka engama-34, wazala uPhelegi.

17 Esemzele uPhelegi, u-Ebhere waphila iminyaka engama-430, wabuye wazala amadodana namadodakazi.

18 UPhelegi eseneminyaka engama-30, wazala uRegu.

19 Esemzele uRegu, uPhelegi waphila iminyaka engama-209, wabuye wazala amadodana namadodakazi.

20 URegu eseneminyaka engama-32, wazala uSerugi.

21 Esemzele uSerugi, uRegu waphila iminyaka engama-207, wabuye wazala amadodana namadodakazi.

22 USerugi eseneminyaka engama-30, wazala uNahori.

23 Esemzele uNahori, uSerugi waphila iminyaka engama-200, wabuye wazala amadodana namadodakazi.

24 UNahori eseneminyaka engama-29, wazala uThera.

25 Esemzele uThera, uNahori waphila iminyaka eyi-119, wabuye wazala amadodana namadodakazi.

26 Kuthe uThera eseneminyaka engama-70, wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana.


Izizukulwane ZikaThera

27 Nanku umlando wezizukulwane zikaThera. UThera wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana. UHarana wazala uLothi.

28 UHarana wafa kuqala kunoyise uThera ezweni ayedabuka kulo i-Uri lamaKhaledi.

29 U-Abhrama noNahori baganwa. U-Abhrama waganwa nguSarayi, uNahori waganwa nguMilikha, owayeyindodakazi kaHarana, owayezala u-Isikha.

30 USarayi wayeyinyumba, engenabantwana.

31 UThera wathatha indodana yakhe u-Abhrama noLothi owayezalwa nguHarana, nomalokazana wakwakhe uSarayi owayegane u-Abhrama, bonke base belifulathela i-Uri lamaKhaledi, balibangisa eKhanani. Bafika bahlala eHarana.

32 UThera waphila iminyaka engama-205, wafela eHarana.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan