Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UEksodusi 6 - IsiZulu 2020


Isithembiso SikaMose Siyaphindwa

1 USimakade wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. Uzobadedela bahambe, ngenxa yesandla esinamandla; ngesandla esinamandla uzobaxosha ezweni lakhe.”


UNkulunkulu Umbiza Okwesibili UMose Uqoka No-Aroni

2 UNkulunkulu wakhuluma noMose, wathi kuye: “NginguSimakade.

3 Ngabonakala ku-Abhrahama, ku-Isaka, nakuJakobe njengoNkulunkulu uSomandla, kodwa igama lami, ‘uSimakade’ angibazisanga lona.

4 Ngenza isivumelwano nabo sokubanika iKhanani, izwe ababehlala kulo njengabafokazi.

5 Ngikuzwile futhi ukububula kwabantu bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibhithe, ngase ngisikhumbula isivumelwano sami.

6 Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.

7 Ngizonithatha nibe ngabantu bami, futhi ngibe nguNkulunkulu wenu. Niyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguNkulunkulu wenu, onikhululile emithwalweni yabaseGibhithe.

8 Ngiyakuniyisa ezweni engafunga ukulinika u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa lenu. NginguSimakade.’ ”

9 UMose wakhuluma kanjalo kubantu bakwa-Israyeli, kodwa abazange bamlalele, ngenxa yezinhliziyo ezincane nokusebenza kanzima.

10 USimakade wakhuluma kuMose, ethi:

11 “Hamba ukhulume noFaro inkosi yaseGibhithe ukuba avumele abakwa-Israyeli baphume ezweni lakhe.”

12 Kepha uMose waphendula uSimakade, wathi: “Abantu abazange bangilalele; uzongilalela kanjani uFaro nginezindebe ezingasokwanga kanje na?”

13 USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni ukuba bayale abantu bakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibhithe ukuba akhiphe abantu bakwa-Israyeli eGibhithe.


Abolibo LukaMose No-Aroni

14 Nazi izinhloko zokhokho ngokwezindlu zazo: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: nguHanoki, uPhalu, uHezironi, noKharimi. Yiyo-ke le imindeni kaRubeni.

15 Amadodana kaSimeyoni: nguJemuweli, uJamini, u-Ohade, uJakhini, uZohari, noShawule indodana yowesifazane waseKhanani. Yiyo-ke leyo imindeni kaSimeyoni.

16 Lawa ngamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: nguGereshomu, uKhohathi, noMerari. Iminyaka kaLevi yokuphila yaba yi-137.

17 Amadodana kaGereshomu: nguLibhini noShimeyi ngemindeni yawo.

18 Amadodana kaKhohathi: ngu-Amramu, uJizihari, uHebhroni, no-Uziyeli. Iminyaka kaKhohathi yokuphila yaba yi-133.

19 Amadodana kaMerari: nguMaheli noMushi; yiyo-ke le imindeni yabaLevi ngezizukulwane zayo.

20 U-Amramu wathatha uJokhebedi uyisekazi, waba ngumkakhe, wamzalela u-Aroni noMose. Iminyaka ka-Amramu yokuphila yaba yi-137.

21 Amadodana kaJizihari: nguKhora, uNefegi, noZikhiri.

22 Amadodana ka-Uziyeli: nguMishayeli, u-Elizafani, noSithiri.

23 U-Aroni wathatha u-Elisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, waba ngumkakhe, wamzalela uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare, no-Ithamari.

24 Amadodana kaKhora: ngu-Asiri, u-Elikhana, no-Abhiyasafa. Yiyo-ke le imindeni kaKhora.

25 U-Eleyazare indodana ka-Aroni wathatha enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, yaba ngumkakhe, yamzalela uFinehasi. Yilezi-ke izinhloko zokhokho babaLevi ngemindeni yabo.

26 Yibo o-Aroni noMose uSimakade athi kubo: “Khiphani abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.”

27 Yibo laba abakhuluma noFaro inkosi yaseGibhithe ukuba ikhiphe abantu bakwa-Israyeli eGibhithe, oMose no-Aroni.

28 Ngosuku uSimakade akhuluma ngalo noMose eGibhithe,

29 uSimakade wathi kuye: “NginguSimakade, khuluma kuFaro inkosi yaseGibhithe konke engikutshela khona.”

30 Kepha uMose wathi phambi kukaSimakade: “Njengoba nginezindebe ezingasokwanga nje, uzongizwa kanjani uFaro na?”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan