Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

UEksodusi 27 - IsiZulu 2020


I-althare Leminikelo Yokushiswa

1 “I-althare uyolenza ngokhuni lomkhambathi; ubude balo bube ngamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi balo bube ngamakhubhithi ayisihlanu. I-althare liyakuba yisikwele; ukuphakama kwalo kube ngamakhubhithi amathathu.

2 Uyokwenza izimpondo zalo emakhoneni omane alo, izimpondo zalo zibe yinto eyodwa ne-althare, ulicake ngethusi.

3 Uyokwenza izitsha zalo zokubutha umlotha, amafosholo alo, izitsha zalo, izimfologo zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uyozenza zonke izimpahla zalo ngethusi.

4 Uyakulenzela futhi isisefo sethusi esenziwe njengenetha, uyokwenza amasongo amane ethusi enetheni kuwo omane amakhona alo.

5 Uyolibeka ngaphansi konqenqema oluzungeze i-althare, ukuba inetha leluleke lifinyelele ngaphakathi kwe-althare ukuya phezulu.

6 Uyokwenza izingongolo ze-althare ngokhuni lomkhambathi, uzicake ngethusi.

7 Izingongolo ziyofakwa emasongweni, ukuze zibe sezinhlangothini zombili ze-althare, uma lithwelwe.

8 Uyolenza ngamapulangwe libe lugobhozi. Ulenze ngendlela owayikhonjiswa entabeni.


Igceke Lethabanakeli

9 “Uyokwenza igceke lethabanakeli. Ngaseningizimu yegceke kube khona amakhethini elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, ubude bawo bube ngamakhubhithi ayikhulu ohlangothini ngalunye;

10 izinsika zalo ezingama-20, nezisekelo zazo ezingama-20 ziyokwenziwa ngethusi; izinkintsho zezinsika nezibopho zazo zenziwe ngesiliva.

11 Kanjalo uyakulenzela amakhethini ngasohlangothini olungasenyakatho, ubude bawo bube ngamakhubhithi ayikhulu, izinsika zazo ezingama-20, nezisekelo zazo ezingama-20 zibe ngezethusi; izinkintsho zezinsika nezibopho zazo zenziwe ngesiliva.

12 “Ohlangothini olungasentshonalanga lobubanzi begceke makube khona amakhethini ububanzi bawo bube ngamakhubhithi angama-50, abe nezinsika ezilishumi, nezisekelo ezilishumi.

13 Ububanzi begceke ngasempumalanga ohlangothini olubheke empumalanga bube ngamakhubhithi angama-50.

14 Kuyokuba khona amakhethini angamakhubhithi ali-15 ngasohlangothini olulodwa, izinsika ezintathu, nezisekelo ezintathu.

15 Nakolunye uhlangothi kuyokuba khona amakhethini angamakhubhithi ali-15, izinsika ezintathu, nezisekelo ezintathu.

16 “Esangweni legceke kuyokuba khona isihenqo esingamakhubhithi angama-20; senziwe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, okungumsebenzi womfekethisi. Siyakuba nezinsika ezine, nezisekelo ezine.

17 Zonke izinsika ezizungeze igceke ziyakucakwa ngesiliva, izinkintsho zazo zibe ngezesiliva, izisekelo zibe ngezethusi.

18 Ubude begceke buyokuba ngamakhubhithi ayikhulu, ububanzi bube ngangama-50, ukuphakama kube ngamakhubhithi ayisihlanu, kube namakhethini elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, nezisekelo zibe ngezethusi.

19 Zonke izimpahla ezisetshenziswa ethabanakelini, izikhonkwane zakhona nazo zonke ezasegcekeni mazenziwe ngethusi.

20 “Uyobayala futhi abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha omnqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zihlale zivutha njalo.

21 Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan