UEksodusi 11 - IsiZulu 2020Ukumenyezelwa Kwenhlupheko Yokugcina Yeshumi Ukufa Kwamazibulo 1 USimakade wathi kuMose: “Ngizoletha enye futhi inhlupheko phezu kukaFaro naphezu kweGibhithe; emveni kwalokho uzonivumela ukuba nihambe lapha. Lapho enivumela uzakunixosha nokunixosha. 2 Ngakho-ke tshela abantu ukuthi yilowo nalowo wesilisa makacele kumakhelwane wakhe, nabesifazane bacele komakhelwane babo izimpahla zesiliva nezegolide.” 3 USimakade wabenzela umusa abantu phambi kwabaseGibhithe. Ngaphezu kwalokho uMose uqobo wayeyindoda eqavileyo eGibhithe, naphambi kwezinceku zikaFaro, naphambi kwabantu. 4 UMose wathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Phakathi kwamabili ngizodabula kulo lonke iGibhithe. 5 Wonke amazibulo eGibhithe azokufa, kusukela ezibulweni likaFaro ohleli esihlalweni sobukhosi kuya ezibulweni elizalwa ngowesifazane oyisigqila ogwedla isigayo, nawo wonke amazibulo emfuyo. 6 Kuzokuba nesililo esikhulu, esingakaze sibe khona, futhi esingayukuphinde sibe khona kulo lonke iGibhithe. 7 Kepha ngasohlangothini lwabakwa-Israyeli akukho muntu nasilwane okuzokufa, ngisho inja imbala ayiyukugwavumela muntu namfuyo, ukuze nazi ukuthi uSimakade wehlukanisile phakathi kwabaseGibhithe nabakwa-Israyeli.’ 8 Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka. 9 USimakade wathi kuMose: “UFaro ngeke akulalele ukuze izimangaliso zami ziphindaphindwe eGibhithe.” 10 UMose no-Aroni bazenza zonke lezo zimangaliso phambi kukaFaro, kodwa uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba baphume ezweni lakhe. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa