Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8 - IsiZulu 2020

1 Sengathi ngabe ungumfowethu esancela bele linye naye kumame! Uma bengingakuthola ngaphandle bengiyakukuqabula, ngingabe ngisabukelwa muntu phansi.

2 Bengizakukuhola ngikuse endlini kamame owangifundisa; mina ngikuphuzise iwayini elithakwe ngezinongo, nesiphuzo sami samahananadi.

3 Isandla sakho sokhohlo besiyokuba phansi kwekhanda lami, nesokunene, singigone.

4 Madodakazi aseJerusalema ngiyaniyala, ningalunyakazisi noma niluvuse uthando luze luzivukele lona.


Abangani:

5 Ngubani lo owenyukayo evela ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Ngakuvusa phansi kwesihlahla samahhabhula, lapho unyoko wahelelwa khona; wasikwa waze wakuzala.


Intombi:

6 Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, nanjengophawu engalweni yakho. Ngokuba uthando lunamandla njengokufa, isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo, amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi elinamandla.

7 Amanzi amaningi ngeke alucima uthando, nemifula ayinakulukhukhula. Uma umuntu engakhipha yonke ingcebo yomuzi wakhe ngenxa yothando, impela bayomedelela nokumedelela.


Intombi nabafowabo:

8 Sinodadewethu omncane, ongakahlosi. Siyokwenzenjani ngaye ngosuku ayocelwa ngalo na?

9 Ukuba ubeludonga, besizokwakha umbhoshongwana wesiliva phezu kwakhe. Ukuba ubeyisivalo, besizomvalela ngamapulangwe omsedari.


Intombi:

10 Ngangilugange, namabele ami ayenjengemibhoshongo emehlweni akhe, njengofumene ukuthula.


Isivini SikaSolomoni

11 USolomoni wayenesivini eBhali Hamoni. Wasiqashisela abalindi; yilowo nalowo mlindi wayezokhokha izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane, ngezithelo zaso.

12 Isivini sami siphambi kwami, inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.


Insizwa Nentombi Bayabizana Insizwa:

13 Wena ohlala ezivandeni, abangani balalela izwi lakho; nami ake ungizwise lona.


Intombi:

14 Shesha, njengensephe, noma isixhumo sendluzelekazi ezintabeni zamakha, wena othandiweyo wami.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan