Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

IsiHlabelelo seziHlabelelo 6 - IsiZulu 2020


Abangani:

1 Uyephi othandiweyo wakho, wena omuhle kakhulu phakathi kwabesifazane na? Ushonephi othandiweyo wakho sikufunise?


Intombi:

2 Othandiweyo wami wehlele esivandeni sakhe, emibhedeni yamakha, welusele ezivandeni, ukuze akhe iminduze.

3 Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami. Welusela phakathi kweminduze.


Insizwa Itusa Ubuhle Bentombi Yayo Insizwa:

4 Sithandwa sami, umuhle njengeThirisa, uyabukeka njengeJerusalema, uyahlonipheka njengempi.

5 Susa amehlo akho kimi, ngokuba ayangisanganisa, izinwele zakho zifana nomhlambi wezimbuzi wehla entabeni yakwaGileyadi.

6 Amazinyo akho afana nomhlambi wezimvukazi zikhuphuka kade zigezwa, zinamaphahla, kungekho neyodwa efelweyo kuzo.

7 Njengocezu lwehananadi, zinjalo izihlathi zakho ngale kwemvakazi yakho.

8 Ondlunkulu bangamashumi ayisithupha, izancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, izintombi azinakubalwa.

9 Kodwa ijuba lami, opheleleyo wami, munye qhwaba; uzelwe yedwa kunina, uyikhethelo lalowo owamzalayo. Amadodakazi ambona qede ambize ngobusisiweyo, ondlunkulu nezancinza bambona maqede bamhashe.


Abangani:

10 Ngubani lo obukeka njengentathakusa, omuhle njengenyanga, okhanya njengelanga, ohlonipheka njengempi na?


Insizwa:

11 Ngehlele esivandeni samantongomane ukuyobona izithelo eziluhlaza esihosheni, nokubona ukuthi ngabe umvini usuqhakazile namahananadi asekhahlele.

12 Ngingazelele nje ukulangazelela kwami kwangibeka ezinqoleni zempi, zabantu benkosana yami.


Abangani:

13 Buya, buya mShulami! Buya, buya ukuze sikubuke! Yini enizoyibona kumShulami na? Kunjengokusina phakathi kwamaqembu amabili.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan