Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

NgokukaMarku 4 - IsiZulu 2020


Umzekeliso Ngomhlwanyeli
( Mat. 13:1 ; Luk. 8:4 ; 13:18 )

1 UJesu wabuye waqala ukufundisa ngasolwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu kangangoba waze wangena esikebheni, wahlala olwandle. Sonke isixuku sasimi emhlabathini ngasolwandle.

2 Wabafundisa okuningi ngemizekeliso, ethi kubo ngenkathi ebafundisa:

3 “Lalelani! Kwakukhona umuntu owaphuma ukuyohlwanyela.

4 Kwathi ehlwanyela imbewu, enye yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla, zayiqeda.

5 Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kungenamhlabathi khona omningi. Yamila ngokushesha, ngokuba umhlabathi wawungajulile.

6 Ekuphumeni kwelanga yantshwama, ngokuba izimpande zayo zazingajulile; yabuna.

7 Enye imbewu yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela sithelo.

8 Enye imbewu yawela emhlabathini ovundileyo; yaqhuma, yakhula, yathela isithelo. Enye yathela ngama-30, enye ngama-60, enye ngekhulu.”

9 Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”


Isizathu Sokukhuluma Ngemizekeliso

10 Kwathi eseyedwa, ababenaye nabali-12 bambuza ngale mizekeliso.

11 Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso,

12 ukuze bathi bebona nokubona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa nokuzwa, kepha bangaqondi, funa bapheduke, bathethelelwe.”

13 Wayesethi kubo: “Uma ningawuqondi lo mzekeliso, pho niyakuyazi kanjani yonke eminye imizekeliso na?

14 Umhlwanyeli uhlwanyela izwi.

15 Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo.

16 Imbewu ewele edwaleni, imele labo abathi bangalizwa izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza,

17 kodwa lingagxili kubo, ngokuba kabanampande; bahlala isikhashana nje, kuthi lapho kuvela ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bahlubuke ngokushesha.

18 Abahlwanyelwe emeveni yilabo abathi sebelizwile izwi,

19 kodwa liminyaniswe yiminako yalesi sikhathi: ukukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto. Lokhu kuyangena kuliminyanise izwi, bese liba ngelingatheliyo.

20 Abahlwanyelwe emhlabathini ovundileyo yilabo abalizwa izwi, qede balamukele, bathele isithelo ngama-30, ngama-60 nangekhulu.”


Ukubekwa Kwesibani Phansi Kwesitsha

21 UJesu wayesethi kubo: “Ngabe isibani siyabekwa yini phansi kwesitsha noma phansi kombhede; kanti asibekwa othini na?

22 Ngokuba akukho okusithekileyo okungayukubekwa obala, akukho okuyisifuba okungayukudalulwa.

23 Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”

24 Wayesethi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo, ngokuba ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso; kuze kwenezelwe.

25 Ngokuba onakho uyakuphiwa, kodwa ongenakho uyakwemukwa ngisho nalokho anakho.”

26 Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu unje: ufana nomhlwanyeli ophonsa imbewu emhlabathini,

27 alale, avuke ubusuku nemini; imile imbewu, ikhule, kodwa engazi ukuthi lokho kwenzeka kanjani.

28 Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo; kuqala ikhaba, ukhahlele, kuvele izikhwebu, bese kuba nezinhlamvu ezipheleleyo kuso.

29 Uma isithelo sesivuthwe ngokupheleleyo, usingenela ngesikela ngokushesha, ngokuba sekufike isikhathi sokuvuna.”


Umzekelisi Ngenhlamvu Yesinaphu

30 Wabuye wathi: “Ngabe umbuso kaNkulunkulu siyakuwufanisa nani na? Mzekeliso muni esingawuchaza ngawo na?

31 Singawufanisa nenhlamvu yesinaphu, ethi incane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni,

32 kodwa kuthi lapho isihlwanyelwe, ikhule ibe nkulu kunakho konke okumilayo, ibe namagatsha amakhulu; izinyoni zezulu zakhe izidleke emthunzini wayo.”

33 UJesu walisho izwi kubo ngemizekeliso eminingi enjalo, ngangokwamandla abo okuzwa.

34 Akazange akhulume lutho kubo ngaphandle kwemizekeliso. Kepha sebebodwa ngasese, wayesebachasisela konke abafundi bakhe.


UJesu Uthulisa Isivunguvungu
( Mat. 8:23 ; Luk. 8:22 )

35 Kuthe sekuhlwile ngalolo lusuku, wathi kubo: “Asiwelele ngaphesheya.”

36 Base besishiya isixuku, bahamba naye njengoba ayesesikebheni, kwakunezinye izikebhe ezabe zihambisana kanye naye.

37 Kusenjalo kwavuka isivunguvungu esikhulu, amagagasi ayesizamazamisa kakhulu isikebhe futhi sesiqala ukugcwala amanzi.

38 UJesu wayesemuva esikebheni elele esicamelweni, bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, wabhudla ubuthongo, sibhubha na?”

39 Wayesevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Umoya wawusuthula, kwaba nokuthula okukhulu.

40 Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?”

41 Base beba nokwesaba okukhulu, bakhuluma bodwa, bathi omunye komunye: “Kanti ungubani lo, lokhu ngisho umoya nolwandle kuyamlalela na?”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan