Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

NgokukaMarku 16 - IsiZulu 2020


Ukuvuka KukaJesu
( Mat. 28:1 ; Luk. 24:1 ; Joh. 20:1 )

1 Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo.

2 Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki, bafika ethuneni ekuphumeni kwelanga.

3 Bakhuluma bodwa, bethi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?”

4 Kwathi lapho bebheka, babona ukuthi itshe ligingqiwe, ngokuba lalilikhulu kakhulu.

5 Kuthe sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene, yembethe ingubo emhlophe; bethuka.

6 Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni. Uvukile; kakho lapha; bonani nansi indawo lapho bebembeke khona.

7 Kepha hambani nibikele abafundi bakhe noPhethro ukuthi uzakunandulela ukuya eGalile. Kulapho-ke nizakumbona khona, njengalokhu ayenitshelile.”

8 Baphuma, babaleka ethuneni, ngokuba behlelwa ngukuthuthumela nokumangala, kabatshelanga muntu ngalokho, ngokuba babesaba.


UJesu Uzibonakalisa KuMariya Magdalena

9 UJesu esevukile ekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amadimoni ayisikhombisa.

10 Yena wahamba wayobabikela bonke labo ababehamba noJesu, ababelila, bekhala.

11 Kwathi sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uMariya umbonile, abazange bakholwe.

12 Emveni kwalokho wabonakala engesinye isimo kwababili babo ababehamba beya emzaneni.

13 Nabo bahamba bayobikela abanye; nalabo abakholwanga.


UJesu Uzibonakalisa Kwabalishumi Nanye

14 Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.

15 Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.

16 Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.

17 Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha.

18 Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”


UJesu Ukhushulelwa Ezulwini

19 Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.

20 Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan