Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -

Mathewu 9 - IsiZulu 2020


UJesu Uphilisa Umuntu Ofe Uhlangothi
( Mak. 2:1 ; Luk. 5:17 )

1 UJesu wangena esikebheni, wawelela ngaphesheya, waya emzini wakubo.

2 Base beletha kuye umuntu ofe uhlangothi, elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo, wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana, uthethelelwe izono zakho.”

3 Abathile kuzazimthetho bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu uyahlambalaza.”

4 UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?

5 Ngokuba yikuphi okulula phakathi kokuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ nokuthi: ‘Vuka uhambe’ na?

6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya lokuthethelela izono emhlabeni ...,” wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”

7 Wavuka, waya endlini yakhe.

8 Izixuku zikubona lokho zethuka, zamdumisa uNkulunkulu onike abantu igunya elinjalo.


Ukubizwa KukaMathewu

9 Kuthe uJesu edlula lapho, wabona umuntu okuthiwa nguMathewu ehleli endaweni yokuthelisa, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke wamlandela.

10 Kwathi uJesu ehleli esidlweni endlini, kwase kufika abathelisi abaningi nezoni, bahlala, badla naye nabafundi bakhe.

11 AbaFarisi, bekubona lokho, bathi kubafundi bakhe: “Kwenziwa yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”

12 Kwathi lapho ekuzwa lokho, wathi: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa ngabagulayo kuphela.

13 Ngakho-ke hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”


Umbuzo Ngokuzila Ukudla
( Mak. 2:18 ; Luk. 5:33 )

14 Khona kwafika kuJesu abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila ukudla, kodwa abafundi bakho bengazili na?”

15 UJesu wathi kubo: “Ikhetho lingalila yini umyeni esenalo na? Kepha ziyeza izinsuku lapho umyeni eyakususwa kulo; kulapho-ke lizakuzila khona.

16 Akekho ochibiyela ngendwangu entsha engutsheni endala, ngokuba isichibi sizoyiklebhuka ingubo endala, bese imbobo yanda kakhulu.

17 Newayini elisha alithelwa ezimvabeni ezindala, funa izimvaba zidabuke, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale. Kepha iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kokubili kulondeke.”


Ukuvuswa Kwendodakazi KaJayiru Nokuphulukiswa Kowesifazane
( Mak. 5:21 ; Luk. 8:40 )

18 Esakhuluma lokho kubo; kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isanda kufa khona manje, kodwa woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.”

19 UJesu wayesesuka-ke, wamlandela, ekanye nabafundi bakhe.

20 Kwakukhona owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, wasondela emuva kukaJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe.

21 Ngokuba wayezindla, ethi: “Uma nje ngingathinta ingubo yakhe, ngizakusindiswa.”

22 UJesu waphenduka, wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Owesifazane wasinda ngaleso sikhathi.

23 UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esethukile,

24 wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazane ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.

25 Kuthe isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana.

26 Umbiko ngalokhu wasabalala kulo lonke lelo lizwe.


UJesu Uvula Amehlo Ezimpumputhe Ezimbili

27 Ngenkathi uJesu edlula lapho, walandelwa yizimpumputhe ezimbili ezazimemeza zithi: “Ndodana kaDavide, sihawukele!”

28 Esefikile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.”

29 Wayesethinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.”

30 Ayesevuleka amehlo azo. UJesu wazidonsa ngendlebe, wathi: “Qaphelani ukuba lokhu kungaziwa muntu.”

31 Kepha zathi ziphuma nje, zamdumisa kulo lonke lelo lizwe.

32 Ngesikhathi ziphuma, kwalethwa kuye umuntu oyisimungulu enamadimoni.

33 Kuthe selikhishiwe idimoni, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Hawu, akukaze kubonwe okunje kwa-Israyeli!”

34 Kepha abaFarisi, bathi: “Ukhipha amadimoni ngombusi wamadimoni.”


Isivuno Esikhulu Nezisebenzi Eziyingcosana

35 UJesu wahamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa bonke abanezifo ezahlukene, nokugula konke.

36 Kwathi lapho ebona izixuku, waba nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zithithibele njengezimvu ezingenamalusi.

37 Wayesethi kubafundi bakhe: “Isivuno sikhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana.

38 Ngakho-ke nxusani iNkosi yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.

Bible Society of South Africa
Lean sinn:



Sanasan