Mathewu 8 - IsiZulu 2020UJesu Uphilisa Umuntu Onochoko ( Mak. 1:40 ; Luk. 5:12 ) 1 Kwathi lapho uJesu ehla entabeni, walandelwa yizixuku eziningi. 2 Kwase kuza umuntu onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.” 3 UJesu welula isandla sakhe, wamthinta, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka ngokushesha ochokweni lwakhe. 4 UJesu wayesethi kuye: “Qaphela, ungatsheli muntu, kepha hamba uyozibonakalisa kumphristi, unikele ngomnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.” Ukuphulukiswa Kwenceku Yenduna ( Luk. 7:1 ) 5 Kwathi lapho uJesu engena eKhaphernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamnxusa, 6 yathi: “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi; usezinhlungwini ezinzima.” 7 UJesu wayesethi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.” 8 Kepha induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungangena phansi kophahla lwami, kodwa khipha izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. 9 Ngokuba nami ngingumuntu ophansi komthetho, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami ngithi: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.” 10 UJesu ekuzwa lokhu wamangala, wayesethi kwababemlandela: “Ngiqinisile ngithi kini: angikaze ngikufumane kumuntu ukukholwa okungaka kwa-Israyeli. 11 Kepha ngithi kini: baningi abayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale, badle no-Abhrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu. 12 Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.” 13 UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makwenzeke kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngalo lelo hora. Ukuphulukiswa Komkhwekazi KaPhethro Nabanye Abagulayo ( Mak. 1:23 ; Luk. 4:31 ) 14 UJesu wayesengena endlini kaPhethro, wabona umkhwekazi kaPhethro elele phansi, enomkhuhlane. 15 Wathinta isandla sakhe, umkhuhlane waphela; wayesevuka, wamkhonza. 16 Kwathi kusihlwa, baletha kuye abaningi abanamadimoni, wabakhipha omoya ngezwi, wabaphulukisa bonke abagulayo, 17 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umphrofethi, ukuthi: “Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wazithwala izifo zethu.” Ukumlandela UJesu ( Luk. 9:57 ) 18 UJesu ebona isixuku simzungezile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. 19 Esinye isazimthetho seza kuye, sathi: “Mfundisi, ngizakukulandela, nomaphi lapho uya khona.” 20 UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.” 21 Kepha omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngihambe ngiyombela ubaba kuqala.” 22 Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele, yekela abafileyo bambele abafileyo babo.” UJesu Uthulisa Isivunguvungu ( Mak. 4:35 ; Luk. 8:22 ) 23 UJesu wayesengena esikebheni, abafundi bakhe bamlandela. 24 Nakho-ke sekuvuka isiphepho esikhulu olwandle, isikebhe saze sambozwa ngamagagasi, kodwa uJesu wayelele. 25 Basondela, bamvusa, bethi: “Nkosi, sisindise, siyabhubha.” 26 UJesu wayesethi kubo: “Yini nesabe kangaka, nina eninokukholwa okuncane na?” Wavuka wayesewukhuza umoya nolwandle, kwaba nokuthula okukhulu. 27 Abantu bamangala, bathi: “Unhloboni lo muntu olalelwa umoya nolwandle na?” UJesu Ukhipha Amadimoni ( Mak. 5:1 ; Luk. 8:26 ) 28 Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, wahlangana nabantu ababili abanamadimoni, bephuma emathuneni. Babeyingozi kakhulu kangangokuthi kwakungekho muntu owayengalokotha adlule ngaleyo ndlela. 29 Bezwakala sebememeza bethi: “Ufunani kithi Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukuzosizwisa ubuhlungu, kungakabi yisikhathi na?” 30 Kwakukhona buqamama umhlambi omkhulu wezingulube, ziklabile. 31 Amadimoni amncenga, athi: “Uma usikhipha, sithumele singene emhlanjini wezingulube.” 32 UJesu wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni. Bheka, umhlambi wonke wakhalakathela esiweni, waphonseka olwandle, wafela emanzini. 33 Ababezelusile babaleka, baya emzini, babika konke okwakwenzekile, nalokho okwakwenzeke kwabanamadimoni. 34 Umuzi wonke waphuma ukuyobona uJesu; kwathi lapho bembona, bamncenga ukuba aphume aphele emingceleni yakwelakubo. |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa